Uzibophezele ekufundeni iZwi likaNkulunkulu izinsuku ezingu-30 … futhi awukwenzanga wedwa.
Ujoyine abantu abangaphezu kuka-3,000,000 abazibandakanya neBhayibheli kulo Novemba.
Omunye walabo bantu ojoyine nabo ngu-Pamela.
Ngesikhathi ekhula, uPamela wayenobuhlungu obuningi, ukulimala, nemibuzo mayelana nokuthi ungubani. Yilapho-ke aphendukela khona eBhayibhelini futhi wathola Uhlelo olumayelana nobunjalo bakhe.
“IZwi likaNkulunkulu langibonisa ukuthi ubunjalo bami base bunikeziwe kimi nguJesu. Nje ngangingakabutholi. Lelo qiniso lashintsha konke.”
UPamela, eMEXICO
Inyanga Yomhlaba YeBhayibheli ingase iphele, kodwa iZwi likaNkulunkulu alilona elenkathi ethile nje. Kuhloswe ngalo ukuba libe yingxenye yempilo yakho yansuku zonke njengoba uvumela iQiniso ukuba likuguqule, njengoba nje lashintsha impilo kaPamela.
Ngakho qhubeka! Qhubeka uxhumana noNkulunkulu ngeZwi lakhe, futhi ubone ukuthi uzokwenzani okulandelayo…
Lokhu okuthunyelwe kuyatholakala futhi kokuthi:

