|
AmaHubo 23: UJehova ungumalusi wami

1
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.
2
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
3
Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
4
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
5
Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.
6
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele
Mina ngingukukhanya kwezwe
Download-a i-Bhayibheli lamahhala
Kunzima ukuhlala ugxile kuNkulunkulu naseZwini lakhe. Yingakho i-App yeBhayibheli le-YouVersion yamahhala ikunika izindlela zokufuna inhliziyo kaNkulunkulu nsukuzonke: lalela amaBhayibheli alalelwayo, qala Imikhuleko, funda Nabangane, hlola izinguqulo zebhayibheli ezingaphezu kuka-2 000, nokunye okuningi. Manje kumadivayisi angaphezu kwezigidi ezingama-400 emhlabeni wonke!