Izisho zikaBhayibheli zesiKhisimusi

Izisho zikaBhayibheli zesiKhisimusi

“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”

UMika 5:2

Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

U-Isaya 7:14

Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”

NgokukaMathewu 1:20-21

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

NgokukaJohane 3:16

Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.

U-Isaya 9:6

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

NgokukaJohane 1:14

kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.

KwabaseGalathiya 4:4-5

Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.

NgokukaLuka 2:10-11

Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”

NgokukaLuka 2:13-14

Seziyizwile inkosi, zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona. Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu. Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka. Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

NgokukaMathewu 2:9-12

Nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

Nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

2  
Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

3  
nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

4  
Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.

5  
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

6  
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

7  
Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi

8  
umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

9  
Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe

10  
kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.

11  
Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.

12  
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

James 1 in Zulu

James 1 in English

Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza

Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza

1  
Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.

2  
Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.

3  
Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka

4  
zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

5  
Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.

6  
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini.

7  
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.

8  
Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.

9  
Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

10  
Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.

11  
Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.

Psalm 37 in Zulu

Psalm 37 in English

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?

10  
Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*

11  
Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo.

12  
Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

13  
Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;* usebenza ngezandla ezivumayo.

14  
Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.

15  
Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo.

16  
Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini

17  
Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.

18  
Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19  
Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi.

20  
Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.

21  
Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.

22  
Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.

23  
Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.

24  
Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.*

25  
Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.

26  
Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.

27  
Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.

28  
Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi

29  
“Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.”

30  
Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

31  
Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

Proverbs 31 in Zulu

Proverbs 31 in English

I-Bible App Yezingane manje ivumelanisa kuwo wonke amadivaysi!

Iphrofayela ye Bible App yezingane

“Hey! Lokhu kunezinkanyezi zami zonke!”

Imiklomelo yezingane ye-Bible App yezingane zakho yayihlale igcinwe kudivayisi lapho beyithola khona. Uma izingane zakho zithola idivaysi entsha, noma uma ubavumela ukuba basebenzise i-Bible App Yezingane efonini ehlukile, kwakudingeka baqale kusukela ekuqaleni. Akusenjalo.

Manje inqubekelaphambili yengane ngayinye iyagcinwa, kuvumelaniswe kuwo wonke amadivayisi akho!

Njengomzali noma umnakekeli, isibuyekezo sakamuva se- Bible App yezingane sikuvumela ukuthi ungene nge akhawuntiyakho eseyikhona ye-YouVersionfuthi umise i-avatar eyehlukile yengane yakho ngayinye. Kuyashesha futhi kulula ukwengeza iphrofayeli. Izingane zakho zingakwazi ngisho ukuzikhethela ne-avatar yazo kunye nombala eziwuthandayo.

Thola i-App ebuyekeziwe