Nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

Nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

2  
Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

3  
nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

4  
Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.

5  
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

6  
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

7  
Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi

8  
umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

9  
Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe

10  
kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.

11  
Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.

12  
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

James 1 in Zulu

James 1 in English