Posted on 2023-01-02Amaplani Ebhayibheli – Januwari 2023 Izimiso Zokusebenzisa Isikhathi Ezivela Ezwini LikaNkulunkulu izinsuku ezi-6 Ingabe ukhungathekile ukuthi akusekho ngaphezu kwamahora angu-24 ngosuku? Ingabe ukhungethwe inani lamaphrojekthi ohlwini lwakho lwezinto okufanele uzenze? Ingabe ukhathele ukukhathala nokungabi naso isikhathi esanele sokusichitha eZwini likaNkulunkulu nabangani bakho nomndeni wakho? Lokhu kungase kube yimizabalazo ejwayeleke kakhulu emhlabeni. Izindaba ezinhle ukuthi iBhayibheli linikeza izimiso ezicacile zokusiphatha kahle isikhathi sethu. Lolu hlelo luzochaza ngaleyo miBhalo futhi lunikeze izeluleko ezisebenzayo zokusebenzisa ngokugcwele isikhathi osisele kule mpilo! Izwi elilodwa eliyoshintsha impilo yakho izinsuku eziwu 4 IGAMA ELILODWA lisiza ukuthi wenze lula impilo yakho ngokugxila nje e GAMENI ELILODWA unyaka wonke. Lobu bulula kokuthola izwi analo lakho lenza liyadala ushintsho empilweni. Ukungaqoqeki nobunzima kuholela ekubambezelekeni nokukhubazeka, kanti ubululula nokugxila kuholela empumelelweni nokucacisa. Lezizinsuku ezine zokuzinikela ziyzkukhombisa ukuthi udlula kanjani ufinyelele emnyombeni wezinhlosozakho wegama elilowa unyaka wonke.
Posted on 2022-12-02Amaplani Ebhayibheli – Disemba 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (uZibandlela) izinsuku ezingu 31 ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye ezintsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. ingxenye 12 iqukethe izincwadi ezilandelayo, u-Isaya, uMika, 1kaPetru, 2 kaPetru, 1kaJohane, 2KaJohane, 3kaJohane, noJuda. Ngokuka Luka izinsuku eziwu 12 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaLuka kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Ukulahlekelwa ukuthula izinsuku ezingu-7 Ingabe kungenzeka ngempela ukuba nokuthula lapho ukuphila kubuhlungu? Impendulo emfushane: yebo, kodwa hhayi ngamandla ethu. Onyakeni osishiye sikhungathekile, abaningi bethu basala nemibuzo. Kulolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi Craig Groeschel, sizothola ukuthi singakuthola kanjani Ukuthula Okulahlekile sonke esikufisayo. Izingxoxo ezincane ngosizi: Ithemba lamaholide izinsuku ezingu 5 Kwabaningi, amaholidi ayisikhathi senjabulo enkulu…kodwa kwenzekani lapho amaholide engasemnandi futhi eba inselele ngenxa yosizi olujulile noma ukulahlekelwa? Lolu hlelo lokufunda olukhethekile luzosiza labo abasosizini ukuthi bathole induduzo nethemba kumaholidi, futhi lutshengise indlela yokwenza inkathi yamaholide enenjongo nakuba kunesimo sosizi olujulile.
Posted on 2022-10-27Amaplani Ebhayibheli – Novemba 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (November) izinsuku ezingu 30 Ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye entzsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo afakwe lapha nalaphaya. ingxenye 11 ineziHlabelelo zeziHlabelelo, uHezekeli, uHoseya, kanye neSambulo. Uhambo luka Habakuki izinsuku ezingu-6 Loluhlelo liwuhambo lwezikhathi ezinzima noHabakuki. Imizwa Engcwele – Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo izinsuku ezingu 30 UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.
Posted on 2022-09-26Amaplani Ebhayibheli – Okthoba 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (uMfumfu) izinsuku ezingu 31 Isahluko 10 kwezingu 12, lendlela iholela kumphakathi wonke ukuba ufunde iBhayibheli lonke ezinsukwini ezingu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. lengxenye isebenza ngeBhayibheli elikhulunywayo_ lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. ingxenye ka 10 ifaka iNcwadi yoMshumayeli, uNgokukaJohane, uJeremiya, kanye neSililo Amahubo izinsuku ezingu 31 ukufunda encwadini YamaHubo kuhle ngezindlela ezilula zokucosha cosha. Uma udlula esikhathini esinzima, incwadi yeZaga ingakusiza ngokukududuza kanye nokukugqugquzela Ngingakwazi Ngempela Ukusinqoba Isono Nezilingo? izinsuku ezingu 5 Uke wazibuza, “Kungani ngisabambene naleso sono na?” Ngisho nomphostoli uPawulu washo okufanayo kweyabaseRoma 7:15: “Angikwenzi engikuthandayo, kodwa lokho engikuzondayo ngenza kona.” Simisa kanjani isono ukuthi simise izimpilo zethu zikamoya? Ingabe kungenzeka? ake sixoxe ngesono, isilingo, uSathane, futhi, ngokubonga, uthando lukaNkulunkulu. Ukubuyisela Injabulo yakho izinsuku ezingu 5 Uma ufuna injabulo empilweni yakho, kufanele uthole ibhalansi ohlelweni lwakho. Umfundisi uRick wabelana ngokuthi ungalungisa kanjani okufakile kanye nalokho okukhiphayo ukuze ukupha nokwamukela kwakho kukusize ubuyise injabulo yakho, ingakulahlekeli.
Posted on 2022-08-30Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (September) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 9 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinge inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. Ingxenye 9 inezincwadi ezinjengo Nehemiya, Esteri, uThimothewu wokuqala nowesibili, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uNahume, uHabakhuke, uZefaniya, uTitu, uFilemoni, uJakobe, uHagayi, uZekhariya, no Malaki. U-Ruthe, Indaba yokuHlengwa izinsuku ezingu 5 Bambalwa abantu esihlobene nabo ngokomzwelo eBhayibhelini ngaphezu kukaRuthe; umfokazi ompofu ongumfelokazi owenza uNkulunkulu waba ngowokuqala kuye futhi ebuka njengoba eshintsha ukuphila kwakhe. Uma ufuna isikhuthazo ezimweni zakho, ungaphuthelwa lolu hlelo lokufunda! Sonke Isinyathelo Sokufika izinsuku ezingu 5 Sithemba ukuthi lezi zinkonzo ezinhlanu ezivela ku-Eugene Peterson zithatha ingqondo nenhliziyo yakho noma yikuphi lapho zingaya khona, njengoba ungazi ukuthi uMoya uzosebenzisani ukuze ukhuthaze noma uphonsele inselelo noma ududuze. Ungase ukhethe ukusebenzisa imibuzo ecatshangwayo ekupheleni kwenkonzo ngayinye ukuze wenze owakho umthandazo wosuku—ngokuqinisekile hhayi njengendawo yokugcina kodwa njengesiqalo sokufikayo okukulindele. Lapho Ukholo Lwehluleka: Izinsuku Eziyi-10 Zokuthola Unkulunkulu Ethunzini Lokungabaza izinsuku eziwu 10 Ukulwa nokholo kanye nokungabaza kungaba nomzwangedwa futhi uziqhelanise. Abanye bahlupheka bethule kuyilapho abanye belahla inkolelo ngokuphelele, becabanga ukuthi ukungabaza akuhambisani nokholo. U-Dominic Done ukholelwa ukuthi lokhu kuyinhlekelele futhi kuyiphutha elijulile. Usebenzisa imiBhalo nezincwadi ukuze aphikise ngokuthi akukhona nje kuphela ukuthi ukungabaza kuyinto ejwayelekile kodwa ngokuvamile kuyindlela ebheke okholweni olucebile nolunamandla. Hlola ukholo nokungabaza kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-10.