Celani, funani, ngqongqothani, khona nizakuvulelwa

Celani, funani, ngqongqothani, khona nizakuvulelwa

7  
“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

8  
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.

9  
“Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe

10  
noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?

11  
Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.

12  
Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Matthew 7 in Zulu

Matthew 7 in English

Babusisiwe abampofu emoyeni

Babusisiwe abampofu emoyeni

3  
“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

4  
Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.

5  
Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.

6  
Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.

7  
Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.

8  
Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

9  
Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

10  
Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

11  
“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.

12  
Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

Matthew 5 in Zulu

Matthew 5 in English

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi

1  
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo

2  
kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3  
Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4  
Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5  
Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo.

6  
Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.

Psalm 1 in Zulu

Psalm 1 in English