Lapho ithemba libonakala lingenakwenzeka, uNkulunkulu wahlangana no-Alice.

Isexwayiso ngokuqukethwe: indaba elandelayo iqukethe izindikimba zokuzilimaza nokucindezeleka okungase kuvuse imizwelo kwabanye abafundi.

Lapho ithemba libonakala lingenakwenzeka, uNkulunkulu wahlangana no-Alice.

Lapho u-Alice eneminyaka eyishumi nesithupha, wayezizwa evaleleke ebuhlungwini nasekulahlekelweni, ekhungathekiswe ukucindezeleka nokuzihlukanisa.

Njengoba umuzwa wokuphelelwa yithemba ukhula, ngobunye ubusuku wanquma ukuzibulala. Yilapho-ke kwenzeka khona into engachazeki.

Lapho emi onqenqemeni lwefulethi lakhe eliphakeme, kwavunguza umoya ngokuzumayo owabangela ukuba awele emuva egumbini lakhe esikhundleni sokuwela phambili.

Ngenkathi elele phansi, ethukile futhi ekhala, u-Alice wathola umyalezo ovela kumakhelwane wakhe emmema esontweni. Wavuma ukuhamba, futhi yilapho athola khona okokuqala i-Bible App.

Lapho ithemba libonakala lingenakwenzeka, uNkulunkulu wahlangana no-Alice.

Waqala Uhlelo LweBhayibheli futhi ngalo, wazizwela ithemba wanikela impilo yakhe kuJesu.

Namuhla, u-Alice wakha futhi ashicilele Amasu eBhayibheli njengoMlingani we-YouVersion esebenzisa uhlelo olufanayo olwamethula kuJesu. Akagcwele ithemba nje kuphela — uyalisakaza.

Ingabe kukhona omaziyo empilweni yakho odinga kakhulu uNkulunkulu? Methule ku-Bible App, bese ucela uNkulunkulu ukuba amgcwalise ngethemba.

Share this post:

Lokhu okuthunyelwe kuyatholakala futhi kokuthi: IsiNgisi IsiBhunu Isi-Indonesia IsiJalimane ISpanish IsiFilipino (IsiTagalog) IsiFrench IsiTaliyane IsiDutch IsiPhuthukezi IsiRomania IsiRussia IsiJapane IsiShayina (senziwe salula) IsiShayina (Esivamile) IsiKoriya Isi-Arabhu IsiBhalarushi IsiBengali IsiBhagari IsiDanishi IsiFinnish IsiGreki IsiHebheru IsiHindu IsiHangari IsiMalay IsiMongolia IsiNephali IsiNorwegian IsiFarsi IsiPolish IsiPhothukezi (sase Phothugali) IsiSlovaki IsiSwahili IsiSwidi IsiTamil Isi-Telugu IsiThai IsiTurkish Isi-Ukraine Isi-Urdu IsiVietname IsiCzech IsiKhamari isiMayalam Isi-Myanmar Burmese (i-Unicode) Isi-Lithuania IsiMasedoniya Isi-Myanmar Burmese (Zawgyi) IsiSerbia Armenian Isi-Icelandic Isi-Croatian Isi-Albanian Isi-Welsh Isi-Catalan Isi-Latvian IsiCreole SaseHaiti IsiShona Isi-Sorani Kurdish IsiXhosa IsiYoruba Igbo Serbian (Latin) Slovenian