Posted on 2023-12-01Amaplani Ebhayibheli – Disemba 2023 Ukuphila Kushintshile: NgoKhisimusi izinsuku ezingu 5 Kukho konke ukuphithizela kwamaholide, kungase kube lula ukulahlekelwa umbono wokuthi kungani sigubha. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 zokuza, sizongena ezithembisweni ezigcwaliseke ngokuzalwa kukaJesu nethemba esinalo ngekusasa. Njengoba sifunda okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, sizothola ukuthi singaphila kanjani phakathi nesikhathi samaholide ngethemba, ukholo, injabulo, nokuthula. Ukukhanya Kwezwe – Inkonzo ye-Advent izinsuku eziwu 4 Izigidi zamaKrestu emhlabeni jikelele zizobe zigubha uKhisimusi kulo nyaka. I-Advent, umkhosi omuhle ongokomfanekiso oholela osukwini lukaKhisimusi, iyingxenye enkulu yemikhosi kaKhisimusi emazweni amaningi. njengoba ufunda le nkonzo ye-Advent ethokozisayo, uzoba nethuba lokujoyina futhi ugubhe nabafowenu nodadewenu abavela ezizweni ezikude futhi ufunde emibonweni namasiko abo ahlukile futhi anamandla. Ngokuka Luka izinsuku eziwu 12 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaLuka kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Ukwazi Izwi LikaNkulunkulu // Funda Ukuhlangana Naye izinsuku eziwu 4 Izwi likaNkulunkulu lingavela njengokuhlebeza okuthambile noma isiphepho esinamandla. Isihluthulelo siwukukubona, noma ngabe kuza kanjani—futhi sithembe ukuthi Muhle, ukuthi mkhulu kunanoma yimiphi imizabalazo yethu. Qala lolu hlelo lwezinsuku ezine bese uqala ukufunda ukuthi ungahlangana kanjani Naye, izwi Lakhe, ubukhona Bakhe—futhi uhlanganyele namadoda nabesifazane abaningi ababhekana noe-Rush | Umoya Ongcwele Ekuphileni Kwesimanje. Asifunde iBhayibheli sisonke (uZibandlela) izinsuku ezingu 31 ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye ezintsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. ingxenye 12 iqukethe izincwadi ezilandelayo, u-Isaya, uMika, 1kaPetru, 2 kaPetru, 1kaJohane, 2KaJohane, 3kaJohane, noJuda.
Posted on 2023-11-01Amaplani Ebhayibheli – Novemba 2023 Ungubani uJesu? izinsuku ezingu 5 UJesu uyinhloko ekukholweni kobuKristu, futhi lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 lubheka kabanzi ukuthi ungubani: umthetheleli wezono, umngani wezoni, ukukhanya, umenzi wezimangaliso, iNkosi evusiwe. Vuna Ukubonga Unyaka Wonke! izinsuku ezingu-7 Ngiyamangala ngezifundo esingazifunda kwamanye amasiko! Abanye babonakala benokuncane ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa babonisa umuzwa ojulile wokubonga nenjabulo! Angazi ngawe, kodwa ngifuna ukubonga nenjabulo kube yingxenye yami kangangokuthi kulula njengokuphefumula! Kulolu hlelo, sizothola ukuthi ungenza kanjani inkathi yokubonga ibe umkhuba wansuku zonke! Indumiso: Isifundo kumaHubo izinsuku ezingu 106 Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu. Asifunde iBhayibheli sisonke (November) izinsuku ezingu 30 Ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye entzsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo afakwe lapha nalaphaya. ingxenye 11 ineziHlabelelo zeziHlabelelo, uHezekeli, uHoseya, kanye neSambulo. KwabaseGalathiya izinsuku ezingu 3 Leli cebo lizokusiza ukufunda incwadi KwabaseGalathiya futhi ingafaneleka kumuntu ngamunye noma nibaningi.
Posted on 2023-10-01Amaplani Ebhayibheli – Okthoba 2023 20/20: Uboniwe. Ukhethiwe. Uthunyelwe. Ibhalwe nguChristine Caine izinsuku ezingu-7 Ungacabanga uzizwa ubonwa nguNkulunkulu kangangokuthi awukwazi ukuzibamba kodwa ubone abanye? Ungayibona ngeso lengqondo impilo yakho yansuku zonke, ejwayelekile inomthelela obalulekile waphakade? Lokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-7 okuvela ku-Christine Caine kuzokusiza ukuthi uthole ukuthi uNkulunkulu ukubone kanjani, wakukhetha, futhi wakuthuma kanjani ukuthi ubone abanye futhi ubasize bazizwe bebonwa ngendlela uNkulunkulu ababona ngayo—ngombono ka-20/20. Ngiyazinikela: Izinkonzo Ezikhuthazayo Ebhalwe Iziboshwa izinsuku eziwu 4 IBhayibheli liyincwadi yokuhlenga, inkululeko, nethemba. Ngaphakathi kwamakhasi alo kunezinhlamvu eziguqukayo futhi ezigcwele amaqiniso—abesilisa nabesifazane abaphukile abafuna izimpendulo. Ngandlela thize, bafana kakhulu neziboshwa zamanje nezangaphambili ezabhala izifundiso osuzozifunda. Sithemba ukuthi uyakhuthazeka futhi ugqugquzelwe amazwi avela esontweni ngemuva kwezinsimbi. Kwangathi ubufakazi babo bungasikhulula sonke. Ukuhlala Ekuthuleni: Izinsuku Ezingu-7 Zokulinda Ngaphakathi Kwesithembiso SikaNkulunkulu izinsuku ezingu-7 Kunezikhathi lapho sinesithembiso esivela kuNkulunkulu, kodwa asiyiboni impilo yethu ihambisana nesithembiso uNkulunkulu asinike sona. Noma kunezikhathi lapho sifika empambano mgwaqo empilweni yethu, sithembele kuNkulunkulu ukuthi akhulume isiqondiso ezimpilweni zethu, bese sizwa ukuthula kuphela. Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 izokhuluma nenhliziyo yakho mayelana nendlela yokuhamba eNtandweni kaNkulunkulu lapho uNkulunkulu ebonakala ethule. Izinsuku ezingu-21 Zokuchichima izinsuku ezingu-21 Ohlelweni Lwezinsuku Ezingu-21 Zokuchichima IUhlelo lwe-YouVersion, u-Jeremiah Hosford uzothatha abafundi ohambweni lwamasonto amathathu lokuzithulula, begcwaliswe ngoMoya oNgcwele, futhi baphile impilo echichimayo, egcwele uMoya. Sekuyisikhathi sokuyeka ukuphila ngendlela evamile futhi uqale ukuphila ukuphila okuchichimayo! Asifunde iBhayibheli sisonke (uMfumfu) izinsuku ezingu 31 Isahluko 10 kwezingu 12, lendlela iholela kumphakathi wonke ukuba ufunde iBhayibheli lonke ezinsukwini ezingu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. lengxenye isebenza ngeBhayibheli elikhulunywayo_ lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. ingxenye ka 10 ifaka iNcwadi yoMshumayeli, uNgokukaJohane, uJeremiya, kanye neSililo
Posted on 2023-09-02Amaplani Ebhayibheli – Septhemba 2023 Insimbi Ilola Insimbi: Ukuphila-kuya-Ekuphileni® Ukufindisa ngeTestamente Elidala izinsuku ezingu 5 Ingabe uyakulangazelela “ukwenza abafundi abenza abafundi,” ukulandela umyalo kaJesu eMthethweni Omkhulu (NgokukaMathewu 28:18-20)? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi uthole ukuthi kungaba nzima ukuthola izibonelo zalolu hlelo. Ubani ongamulandela? Kubukeka kanjani ukwenza abafundi ekuphileni kwansuku zonke? Ake sibheke eTestamenteni Elidala ukuze sibone ukuthi amadoda nabesifazane abahlanu batshala kanjani imali kwabanye, i-Life-to-Life®. Konke Engikudingayo izinsuku ezintathu Unkulunkulu uhambe phamba kwethu futhi uyasivikela ngemuva. Izimpi zethu usezinqobile. Uvikele abaphuphuthekile. Akamangazwa zinqinamba. Lokhu kuzinikela okugxile kwezinsuku ezi-3 kuzokushiya ukhuthazekile eqinisweni lokuthi uNkulunkulu ungumnikezi wesabelo esiqondile, isilinganiso esiqondile, sempilo yakho. Ukukhuluma ukuphila izinsuku ezi-6 Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu. Izinyathelo Zakho Zokuqala izinsuku ezingu 5 Wenze isinqumo sokulandela uJesu, manje kuzokwenzakalani? Lolu hlelo akulona uhlu oluphelele lwakho konke okuza naleso sinqumo, kodwa luzokusiza ukuthi uthathe izinyathelo zakho zokuqala. Asifunde iBhayibheli sisonke (September) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 9 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinge inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. Ingxenye 9 inezincwadi ezinjengo Nehemiya, Esteri, uThimothewu wokuqala nowesibili, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uNahume, uHabakhuke, uZefaniya, uTitu, uFilemoni, uJakobe, uHagayi, uZekhariya, no Malaki.
Posted on 2023-08-01Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2023 Isabatha – Ukuphila Ngokuvumelana Nesigqi SikaNkulunkulu izinsuku ezingu-8 I-Evangelical Alliance Week of Prayer (WOP) iwuhlelo olubhekwa emhlabeni wonke kodwa oluvame ukubonwa yi-Europe yonke ngezinto ezihlinzekwa yi-European Evangelical Alliance. I-WOP 2022 yenzeka ngaphansi kwendikimba ethi “iSabatha.” Kuzo zonke izinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bayamenywa ukuba bagxile esicini esisodwa seSabatha: ubuwena, ukuhlinzekwa, ukuphumula, ububele, ukukhumbula, injabulo, ukupha, nethemba. Sithandazela ukuthi lensiza izokusiza ukuthi (uphinde) uthole impilo ehambisana nesigqi sikaNkulunkulu! UMbuso Mawuze izinsuku ezingu-15 Sizwile ukuthi uJesu unikeza “ukuphila okugcwele” futhi siyasilangazelela lesosipiliyoni. Sifuna leyo mpilo engakolunye uhlangothi loshintsho. Kodwa hlobo luni loshintsho esiludingayo? Futhi sihamba kanjani ngenqubo yokushintsha? EmBusweni Woza uzohlola indlela entsha yokuphila impilo ebheke phansi kanye neyangaphakathi uNkulunkulu asimemela kuyo. Indlela kaNkulunkulu Yempumelelo izinsuku ezingu 3 Wonke umuntu ufuna impumelelo, kodwa abaningi abayitholi ngoba basuke bephishekela ukuqonda okungamanga ukuthi kusho ukuthini ukuphila impilo ephumelelayo. Ukuze uthole impumelelo yeqiniso udinga ukubeka amehlo akho encazelweni kaNkulunkulu yalokho ekushoyo. Vumela umbhali othengisa kakhulu u-Tony Evans akubonise indlela eya empumelelweni yombuso weqiniso nokuthi ungayithola kanjani. Silandela uJesu uMlamuleli Wethu izinsuku ezingu-7 Isinxibi esiyimpumputhe esikhala ngokuphelelwa yithemba eceleni komgwaqo, owesifazane oziphethe kabi odelelwa njengongcolile umphakathi onesizotha, isisebenzi sikahulumeni esikhohlakele esizondwa yibo bonke – kungenzeka kanjani ukuthi noma yimuphi kulaba bantu abavela emaphethelweni omphakathi abe nethemba lokuxhumana noNkulunkulu ongcwele? esekelwe emininingwaneni evela encwadini kaLuka ku-Africa Study Bible, landela uJesu njengoba evala igebe phakathi kukaNkulunkulu nabancishwe amathuba. Asifunde iBhayibheli sisonke (August) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi 8 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. iNgxenye 8 ibandakanya izincwadi ezinjengezi IziKronike zokuqala nezesibili, KwabaseThesalonika bokuqala nabesibili kanye no Ezra.