Posted on 2024-09-30Amaplani Ebhayibheli – Okthoba 2024 Umusa Nokubonga: Phila Ngokugcwele Emuseni Wakhe izinsuku ezingu-7 UNkulunkulu wenze izithembiso eziningi kuwe, futhi uhlose ukuzigcina zonke. Kodwa ezweni lanamuhla, kulula ukukhohlwa ubuhle nomusa kaNkulunkulu. Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 izokusiza ukhumbule umusa nezibusiso Zakhe ezichichimayo ngokuqukethwe kokuthandaza, iZwi likaNkulunkulu, kanye nomkhuleko wansuku zonke wokuzindla. Lolu cwaningo luvela kujenali yezifundo ezithi 100 Days of Grace & Gratitude ka-Shanna Noel kanye no-Lisa Stilwell. Imbewu: Iyini futhi Kungani izinsuku eziwu 4 Imbewu, ikuyo yonke indawo. Amazwi akho, imali yakho, izingane zakho ngisho nawe, ngokwakho, uyimbewu! Zisebenza kanjani lezi zimbewu futhi kungani kufanele zibaluleke kithi? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini futhi sithole ukuthi lingasebenza kanjani ekuphileni kwethu ukuze lisisondeze kuNkulunkulu nenjongo yakhe ngathi. Ukuthola Iqiniso LikaNkulunkulu Ezivunguvungwini Zokuphila izinsuku eziwu 10 NjengamaKristu, asigonyiwe ezinkingeni zaleli zwe. Eqinisweni, uJohane 16:33 uthembisa ukuthi ziyofika. Uma ubhekene nezivunguvungu zempilo njengamanje, lesi sifundo singesakho. Kuyisikhumbuzo sethemba elisidlulisa ezivunguvungwini zokuphila. Futhi uma ungabhekene nanoma yiziphi izinkinga ngalesi sikhathi, kuzokunikeza isisekelo esizokusiza ezivivinyweni ezizayo. Inkonzo Yobuhle izinsuku ezingu 3 Ziningi izizathu ezinhle ezenza ukuba sifune iqophelo eliphezulu emsebenzini yethu: Iqophelo eliphezulu liyasikhulisa emisebenzini, lisivumele ithonya, kanti lingasihola kumathuba okwabelana ngevangeli. Kepha njengalelicebo losuku lwesithathu lizotshengisa, sidinga ukuba sifune iqophelo eliphezulu ngesizathu esibaluleke kakhulu-ngoba iqophelo eliphezulu liyindlela enhle yokubheka isimo sika Nkulunkulu, no thando futhi sikhonze omaakhelwane njengathi kwimisebenzi ekhethiwe. Asifunde iBhayibheli sisonke (uMfumfu) izinsuku ezingu 31 Isahluko 10 kwezingu 12, lendlela iholela kumphakathi wonke ukuba ufunde iBhayibheli lonke ezinsukwini ezingu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. lengxenye isebenza ngeBhayibheli elikhulunywayo_ lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. ingxenye ka 10 ifaka iNcwadi yoMshumayeli, uNgokukaJohane, uJeremiya, kanye neSililo
Posted on 2024-09-01Amaplani Ebhayibheli – Septhemba 2024 Funa uNkulunkulu Kukho izinsuku eziwu 10 Ukucindezeleka. Ukukhathazeka. Izimbangela nezenzakalo ezibuhlungu zisiphazamisa ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngalezi zikhathi ukufuna uNkulunkulu kubonakala kunzima futhi kungenasidingo. Uhlelo oluthi, “Funa UNkulunkulu Kukho” luhlose ukukukhuthaza kanye nokukufundisa ukuthi ungenza kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuze uthole ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki isimo sakho. Ukudlula Ezikhathini Ezinzima izinsuku eziwu 4 Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu. IZwi LikaNkulunkulu Lazo Zonke Izidingo izinsuku ezingu 5 Impilo ingaba nzima, futhi lapho ubhekene nezinselelo futhi udinga isikhuthazo, indawo engcono kakhulu ongaya kuyo iwukuba seZwini likaNkulunkulu. Kodwa ngezinye izikhathi kunzima ukwazi ukuthi ubheke kuphi. Izwi likaNkulunkulu Lazo Zonke Izidingo lihlanganisa imibhalo ebalulekile kuwo wonke umfundi weZwi okufanele ayibheke phakathi nezikhathi ezinzima zokuphila. Thembela kuNkulunkulu ukuba akusize ezikhathini ezinzima. Ukhethiwe – Ukwembula Owesifazane kuKristu izinsuku ezingu 3 Njengabesifazane, sivame ukuzithola sidlala izindima eziningi ezahlukene empilweni. Kodwa phakathi kwalobu bunzima, kubalulekile ukukhumbula ukuthi singobani emqondweni wethu: Abesifazane Abakhethiwe bakaNkulunkulu, noma Owesifazane KuKristu. Lobu buntu buyisisekelo sezimpilo zethu, bulolonga ubuhlobo bethu noNkulunkulu nabanye. Hlanganyela nathi ezinsukwini ezintathu ezizayo njengoba sihlola lokhu esiyikho ngokujula okwengeziwe! Asifunde iBhayibheli sisonke (September) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 9 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinge inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. Ingxenye 9 inezincwadi ezinjengo Nehemiya, Esteri, uThimothewu wokuqala nowesibili, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uNahume, uHabakhuke, uZefaniya, uTitu, uFilemoni, uJakobe, uHagayi, uZekhariya, no Malaki.
Posted on 2024-08-01Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2024 Izinsuku ezingu-21 Zokuchichima izinsuku ezingu-21 Ohlelweni Lwezinsuku Ezingu-21 Zokuchichima IUhlelo lwe-YouVersion, u-Jeremiah Hosford uzothatha abafundi ohambweni lwamasonto amathathu lokuzithulula, begcwaliswe ngoMoya oNgcwele, futhi baphile impilo echichimayo, egcwele uMoya. Sekuyisikhathi sokuyeka ukuphila ngendlela evamile futhi uqale ukuphila ukuphila okuchichimayo! Vuka Ukhanye izinsuku ezingu 5 Abantu bajwayele ukuthi, “Nika uNkulunkulu imithwalo yakho.” Uke uzibuze: Ngingakwenza kanjani lokho? Ukuphuka komhlaba kuzwakala kusinda kakhulu. Futhi njengoba ufisa ukukhanyisa ukukhanya kukaJesu, uyazibuza ukuthi lokho kubukeka kanjani uma uzama ukubona ukukhanya ngokwakho. Lesi sifundo sibheka ukuthi singaba kanjani izibani kuJesu noma umhlaba wethu uzwakala umnyama. Ukukhula Othandweni izinsuku ezingu 5 Okubaluleke ngempela ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda abanye, kodwa sikwenza kanjani lokho ngokuphumelelayo? Iqiniso liwukuthi, asikwazi ukuthanda abantu kahle ngamandla ethu. Kodwa uma sibheka kuNkulunkulu futhi sizibeka phansi ngokuzithoba, singaphila othandweni lukaNkulunkulu lweqiniso nolunamandla. Funda kabanzi mayelana nokukhula othandweni kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-5 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel. Ukukhonza uNkulunkulu izinsuku ezi-6 Ukufunda nsuku zonke kunikeza ukuqonda mayelana nendlela yokukhonza uNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila futhi kuzogqugquzela abafundi ukuba bagxilise izinhliziyo zabo ngokuphelele ebuhlotsheni babo noKristu. Lokhu kuzinikela kusekelwe encwadini kaR. T. Kendall ethi Ukukhonza UNkulunkulu. (R. T. Kendall wayengumfundisi we-Westminster Chapel eLondon, eNgilandi, iminyaka engamashumi amabili nanhlanu.) Asifunde iBhayibheli sisonke (August) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi 8 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. iNgxenye 8 ibandakanya izincwadi ezinjengezi IziKronike zokuqala nezesibili, KwabaseThesalonika bokuqala nabesibili kanye no Ezra.
Posted on 2024-07-01Amaplani Ebhayibheli – Julayi 2024 Bonke Abakhatheleyo: UNkulunkulu Unami izinsuku ezingu-8 Leli yiviki lokuqala ochungechungeni lwamasonto ayisikhombisa olukuhola emizabalazweni yokukhathazeka lapho ubambelele eqinisweni leBhayibheli nasezithembisweni zikaNkulunkulu. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisishiyagalombili lunikeza isikhuthazo nokusebenzisa okungokoqobo ukuvumelanisa inhliziyo nengqondo yakho nothando lukaJesu phakathi kokukhathazeka. Isithembiso saleli viki: UNkulunkulu unami. Thanda futhi Uqhubeke Nokuthanda izinsuku ezingu 3 Ukugubha uthando kudlula usuku oluthile; kuyimpilo ehlala ikhumbuza abanye ukuthi uthando lukaNkulunkulu lwafika ukuzophilisa, ukubuyisela, nokusinika ukuphila okumemezela ubuhle bakhe. Ngiyakumema ukuthi uzulazule esifundweni sezinsuku ezintathu sokuthi uthando lumeleni nokuthi kubukeka kanjani ukuthanda abanye njengoba uNkulunkulu asihlosela. Ukungakhathazeki Ngalutho izinsuku ezingu 5 Umbhali othengisa kakhulu uMax Lucado uhlola icebo likaNkulunkulu lokwelapha ukukhathazeka elitholakala kwabaseFilipi 4:4–8. Njengoba ulandela lesi siqondiso – ukugubha ubuhle bukaNkulunkulu, ukucela usizo lwakhe, ukushiya ukukhathazeka kwakho kuye, nokuzindla ngezinto ezinhle – uzothola ukuthula kukaNkulunkulu. Nakuba ukukhathazeka kuyingxenye yokuphila, akudingekile ukuba kubuse ukuphila kwakho Ukunikela Konke… Nokukubuyisela Konke Futhi izinsuku ezingu-9 Kuthathwe encwadini, ethi Ukunikeza Konke… kanye Nokubuyisela Konke Futhi, uDavid Green, umsunguli kanye noMphathi Omkhulu we-Hobby Lobby, uhlanganyela ngokuthi ukuphila okuphanayo kukhokha imivuzo engcono kakhulu mathupha, kunikeza ifa elinamandla emndenini wakho, futhi kushintsha labo obathintayo. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNtulikazi) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-7 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku. Ingxenye ngayinye iqukethe izahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 7 iqukethe izincwadi ezinguSamuweli wesibili, amaKhosi wokuqala, amaKhosi wesibili, kanye ngokukaMarku.
Posted on 2024-06-01Amaplani Ebhayibheli – Juni 2024 Ukuqonda Ukuphila Kwakho izinsuku ezingu 3 Ukuphila kungase kube okungalindelekile futhi kudide, ngisho nalapho sikhonza uNkulunkulu. Ngezinye izikhathi izinto zibonakala zingalawuleki, okusishiya sizibuza ukuthi kwenzekani emhlabeni! Uma uke wazizwa ngale ndlela noma udidekile, lolu chungechunge olusha lwezinkonzo lukaMfundisi uJim Cymbala lungolwakho nje! Ukulandela Inhliziyo KaNkulunkulu izinsuku ezingu 5 INkosi uDavide ichazwa eTestamenteni Elisha njengendoda elandela inhliziyo kaNkulunkulu, okusho ukuthi waqondanisa inhliziyo yakhe nekaNkulunkulu. Njengoba sifunda ngempilo kaDavide, umgomo wethu walolu chungechunge ukuhlaziya izinto uDavide azenza ku-1 & 2 USamuweli ukuze silolonge izinhliziyo zethu zivumelane nekaNkulunkulu futhi zifane namandla afanayo okugxila nomoya uDavide awubonisa ukuphila kwakhe konke. Kuyaziwa: Izinsuku ezingu-10 Zokuthola Ubuwena izinsuku eziwu 10 Kungaba lula ukulahleka kulokho owaziwa ngakho futhi uphuthelwe ukuthi waziwa ubani. Izwi likaNkulunkulu linokuningi elingakusho ngawe, ukuthi ungubani, nokuthi ukwenze waba ngubani. Lokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-10 kuzokusiza ukuthi uthathe uhambo oluya ekutholeni ubuwena obuyiqiniso. INTO EYODWA izinsuku ezingu-7 Sizothola ukuthi kusho ukuthini ukuphilela uJesu ezweni eliphazamisekile. Leli zwe ligijima ngamamayela ayikhulu ngehora, futhi sinolwazi oluningi ezandleni zethu kunalokho esingakwazi ukukubamba. Ingabe yileso simo saleli zwe lanamuhla? Silehlisa kanjani ijubane endaweni eshesha kangaka? AmaHubo 27:4 anempendulo – INTO EYODWA, noPs Andrew Cartledge. Asifunde iBhayibheli sisonke (uNhlangulana) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 6 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. Loluchungechunge lisebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! isahlako ngasinye sibandakanya izahluko zeThestamente elidala nelisha kanye namaHubo. ingxenye 6 inezincwadi ezinjengo Kwabase-Efesu, KwabaseFiliphu, KwabaseKolose, uJona, AbaHluleli, uRuther, kanye no 1kaSamuweli.