Posted on 2022-10-27Amaplani Ebhayibheli – Novemba 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (November) izinsuku ezingu 30 Ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye entzsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo afakwe lapha nalaphaya. ingxenye 11 ineziHlabelelo zeziHlabelelo, uHezekeli, uHoseya, kanye neSambulo. Uhambo luka Habakuki izinsuku ezingu-6 Loluhlelo liwuhambo lwezikhathi ezinzima noHabakuki. Imizwa Engcwele – Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo izinsuku ezingu 30 UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.
Posted on 2022-09-26Amaplani Ebhayibheli – Okthoba 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (uMfumfu) izinsuku ezingu 31 Isahluko 10 kwezingu 12, lendlela iholela kumphakathi wonke ukuba ufunde iBhayibheli lonke ezinsukwini ezingu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. lengxenye isebenza ngeBhayibheli elikhulunywayo_ lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. ingxenye ka 10 ifaka iNcwadi yoMshumayeli, uNgokukaJohane, uJeremiya, kanye neSililo Amahubo izinsuku ezingu 31 ukufunda encwadini YamaHubo kuhle ngezindlela ezilula zokucosha cosha. Uma udlula esikhathini esinzima, incwadi yeZaga ingakusiza ngokukududuza kanye nokukugqugquzela Ngingakwazi Ngempela Ukusinqoba Isono Nezilingo? izinsuku ezingu 5 Uke wazibuza, “Kungani ngisabambene naleso sono na?” Ngisho nomphostoli uPawulu washo okufanayo kweyabaseRoma 7:15: “Angikwenzi engikuthandayo, kodwa lokho engikuzondayo ngenza kona.” Simisa kanjani isono ukuthi simise izimpilo zethu zikamoya? Ingabe kungenzeka? ake sixoxe ngesono, isilingo, uSathane, futhi, ngokubonga, uthando lukaNkulunkulu. Ukubuyisela Injabulo yakho izinsuku ezingu 5 Uma ufuna injabulo empilweni yakho, kufanele uthole ibhalansi ohlelweni lwakho. Umfundisi uRick wabelana ngokuthi ungalungisa kanjani okufakile kanye nalokho okukhiphayo ukuze ukupha nokwamukela kwakho kukusize ubuyise injabulo yakho, ingakulahlekeli.
Posted on 2022-08-30Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (September) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 9 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinge inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. Ingxenye 9 inezincwadi ezinjengo Nehemiya, Esteri, uThimothewu wokuqala nowesibili, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uNahume, uHabakhuke, uZefaniya, uTitu, uFilemoni, uJakobe, uHagayi, uZekhariya, no Malaki. U-Ruthe, Indaba yokuHlengwa izinsuku ezingu 5 Bambalwa abantu esihlobene nabo ngokomzwelo eBhayibhelini ngaphezu kukaRuthe; umfokazi ompofu ongumfelokazi owenza uNkulunkulu waba ngowokuqala kuye futhi ebuka njengoba eshintsha ukuphila kwakhe. Uma ufuna isikhuthazo ezimweni zakho, ungaphuthelwa lolu hlelo lokufunda! Sonke Isinyathelo Sokufika izinsuku ezingu 5 Sithemba ukuthi lezi zinkonzo ezinhlanu ezivela ku-Eugene Peterson zithatha ingqondo nenhliziyo yakho noma yikuphi lapho zingaya khona, njengoba ungazi ukuthi uMoya uzosebenzisani ukuze ukhuthaze noma uphonsele inselelo noma ududuze. Ungase ukhethe ukusebenzisa imibuzo ecatshangwayo ekupheleni kwenkonzo ngayinye ukuze wenze owakho umthandazo wosuku—ngokuqinisekile hhayi njengendawo yokugcina kodwa njengesiqalo sokufikayo okukulindele. Lapho Ukholo Lwehluleka: Izinsuku Eziyi-10 Zokuthola Unkulunkulu Ethunzini Lokungabaza izinsuku eziwu 10 Ukulwa nokholo kanye nokungabaza kungaba nomzwangedwa futhi uziqhelanise. Abanye bahlupheka bethule kuyilapho abanye belahla inkolelo ngokuphelele, becabanga ukuthi ukungabaza akuhambisani nokholo. U-Dominic Done ukholelwa ukuthi lokhu kuyinhlekelele futhi kuyiphutha elijulile. Usebenzisa imiBhalo nezincwadi ukuze aphikise ngokuthi akukhona nje kuphela ukuthi ukungabaza kuyinto ejwayelekile kodwa ngokuvamile kuyindlela ebheke okholweni olucebile nolunamandla. Hlola ukholo nokungabaza kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-10.
Posted on 2022-07-26Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (August) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi 8 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. iNgxenye 8 ibandakanya izincwadi ezinjengezi IziKronike zokuqala nezesibili, KwabaseThesalonika bokuqala nabesibili kanye no Ezra. Ukunqoba phezu koKufa izinsuku ezingu-7 Sihlale sitshelwa ukuthi, “Kungenye nje ingxenye yokuphila,” kodwa izisho ezishiwo njlalo azehlisi ubuhlungu lapho ulahlekelwa othandekayo. Funda ukugijimela kuNkulunkulu lapho ubhekene nenye yezinselelo ezinzima kakhulu ekuphileni. Ubuqhawe amaviki awu-1 Funda okushiwo yiBhayibheli ngobuqhawe nokuzethemba. Uhlelo lukufunda ngobuqhawe lukhuthaza amakholwa ngokubakhumbuza ukuthi bangobani kuKristu nakumbuso kaNkulunkulu. Uma singabakaNkulunkulu, sikhululekile ukuza Kuye mathupha. Funda futhi–noma mhlawumbe kokudala–iziqinisekiso zokuthi indawo yakho emndenini kaNkulunkulu ivikelekile. Ukuqiniseka Ngezikhathi Zokungaqiniseki izinsuku ezingu 5 Ngezikhathi zokungaqiniseki, uNkulunkulu uqinisekile! Joyina u-David Villa ohlelweni lwakhe lwakamuva njengoba ebheka ukungaqiniseki nokugxeka okwedlule ukuze afinyelele kokuthile okukhulu.
Posted on 2022-07-02Amaplani Ebhayibheli – Julayi 2022 Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNtulikazi) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-7 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku. Ingxenye ngayinye iqukethe izahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 7 iqukethe izincwadi ezinguSamuweli wesibili, amaKhosi wokuqala, amaKhosi wesibili, kanye ngokukaMarku. Ukwenza Umsebenzi ngaphezu Kokwemvelo izinsuku ezi-6 Ngakholelwa emangeni iminyaka eminingi. Lawa manga avame kakhulu emibuthanweni yobuKristu. Ngangikholelwa ku-dichotomy engcwele yezwe. Futhi kwangibuyisela emuva. Hlanganyela nami ukuze uhlole ukuthi uNkulunkulu ufuna ukusinika kanjani amandla angaphezu kwawemvelo ukuze silethe iZulu eMhlabeni futhi siphumelele ebhizinisini nasempilweni. Sinamathuba amaningi okuba nethonya emhlabeni kuneningi ‘lezikhonzi zesikhathi esigcwele,’ futhi lolu hlelo lweBhayibheli luzokubonisa ukuthi kwenzeka kanjani! Qala Futhi izinsuku ezingu-7 Unyaka omusha. Usuku Olusha. Unkulunkulu wadala lezi zinguquko ukuze asikhumbuze ukuthi unguNkulunkulu WeziQalo Ezintsha. Uma uNkulunkulu akwazi ukukhuluma umhlaba waba khona, ngokuqinisekile angakhuluma ebumnyameni bempilo yakho, ekudalela isiqalo esisha. Ungakuthanda nje ukuqala kasha! Njengalolu hlelo lokufunda. Lujabulela! ITestamente eliDala – AbaProfethi Abancane izinsuku ezingu-25 Lolu hlelo olulula luzokuholela kubaprofethi abancane beTestamente Elidala. Ngezahluko ezimbalwa nje zokufunda usuku ngalunye, lolu hlelo lungaba luhle esifundweni somuntu ngamunye noma seqembu.