Posted on 2022-01-022022-07-21Amaplani Ebhayibheli – Januwari 2022 Isifungo izinsuku ezi-6 Kulolu hlelo lweLife.Church Bible Plan, imibhangqwana eyisithupha ibhala ngezifungo zomshado eziyisithupha abangakaze bazisho ngokusemthethweni e-altare. Lezi zifungo zokuzilungiselela, ukubeka phambili, ukulandela, ukubambisana, ubumsulwa, nokuthandaza yizifungo ezenza imishado isebenze kade kudlula umshado. Noma ngabe ushadile noma ucabanga nje ngakho, sekuyisikhathi sokwenza isithembiso. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMasingana) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-1 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuzohlanganyela nawe uma uqala ingxenye entsha njalo ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 1 iqukethe izincwadi ezingokukaLuka, iZenzo, uDaniyeli, kanye noGenesise. uJohane izinsuku eziwu 10 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaJohane kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Oswald Chambers: Injabulo – Amandla Enkosini izinsuku ezingu 30 Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
Posted on 2021-11-042022-07-21IBhayibheli Liyaphila IBhayibheli Liyaphila IBhayibheli Liyaphila izinsuku ezi-7 Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, iZwi likaNkulunkulu libuyise ngenkuthalo izinhliziyo nezingqondo-futhi uNkulunkulu akakapheli. Kulolu hlelo olukhethekile lwezinsuku eziyi-7, ake sibungaze amandla okuguqula impilo yemiBhalo ngokubhekisisa ukuthi uNkulunkulu ulisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuthinta umlando nokuguqula izimpilo emhlabeni wonke. Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo KumaHeberu 4:12 IBhayibheli Liyaphila
Posted on 2020-12-022022-07-21Ukulindela Ukhisimusi Ukulindela Ukhisimusi: Uhlelo Lwezinsuku Eziwu 5 ze-Advent Ukulindela Ukhisimusi: Uhlelo Lwezinsuku Eziwu 5 ze-Advent izinsuku ezingu 5 Kaningi, amaholide ayafika aphinde adlule ngaphambi kokuba sibe nethuba lokugxila ekulungiseni izinhliziyo zethu ngoKhisimusi. I-Advent yindlela yethu yokukhumbula ukuthi uNkulunkulu weza waba nathi, usenathi, futhi usazobuya futhi. Ezinsukwini eziwu-5 ezilandelayo, sizohlola izingqikithi ezine ze-Advent: ithemba, ukuthula, uthando, kanye nenjabulo. Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. U-Isaya 9:6 Ukulindela Ukhisimusi