Posted on 2022-04-022022-07-21Amaplani Ebhayibheli – Ephreli 2022 Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMbasa) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi-4 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku. Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 4 iqukethe izincwadi ezingokukaMathewu, kanye nekaJobe. iZenzo izinsuku eziwu 14 lendlela elula yokufunda ikusia ukuba ufunde ngabaPhostoli kanye nebandla lokuqala. NGENA ENJONGWENI izinsuku ezingu 5 Iyini inhloso yami? Ngihloselwe ukwenzani ngempilo yami? Liyini icebo likaNkulunkulu ngami? Yonke lena imibuzo abaningi bethu abazibuza ngesikhathi esithile empilweni yethu. Sihlose ukuphendula eminye yale mibuzo njengoba siqaqa ukuthi kuyini ukungena enjongweni yakho. joyina abambalwa bethu babafundi baseKholeji le-C3 njengoba besikhanyisela ngalesi sihloko. Konke Engikudingayo izinsuku ezintathu Unkulunkulu uhambe phamba kwethu futhi uyasivikela ngemuva. Izimpi zethu usezinqobile. Uvikele abaphuphuthekile. Akamangazwa zinqinamba. Lokhu kuzinikela okugxile kwezinsuku ezi-3 kuzokushiya ukhuthazekile eqinisweni lokuthi uNkulunkulu ungumnikezi wesabelo esiqondile, isilinganiso esiqondile, sempilo yakho.
Posted on 2022-02-252022-07-21Amaplani Ebhayibheli – Mashi 2022 Qeda ukwesaba izinsuku ezingu 3 Ungakwazi ukunqoba imizwa yokwesaba. Udkt. Tony Evans ukuholela endleleni eya enkululekweni kulolu hlelo lokufunda olunokuqonda. Zitholele impilo yenjabulo nokuthula obulokhu uyifuna njengoba usebenzisa izimiso ezibekwe kulolu hlelo. Yenza Isikhala Salokho Okubalulekile: Imikhuba Engokomoya Engu-5 yesizini ye-Lent izinsuku ezingu-7 Isizini ye-Lent: inkathi yezinsuku ezingu-40 zokuzindla nokuphenduka. Umcabango omuhle, kodwa empeleni kubukeka kanjani ukuzilolongela lesizini yeLent? Ezinsukwini eziyi-7 ezilandelayo, thola imikhuba yakomoya emihlanu ongaqala ukuyenza ngesikhathi Sokuzila ukuze ikusize ulungise inhliziyo yakho iSonto Lovuko—nangale kwalokho. 2KwabaseKorinte amaviki awu-1 Lendlela elula izokusiza ufunde incwadi ka 2KwabaseKorinte futhi yinhle kakhulu kumuntu oyedwa noma nibaningi. Masifunde iBhayibheli ndawonye (Ndasa) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-3 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchunechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 3 iqukethe izincwadi ezinguNumeri, iZaga, kwabaseRoma, kanye nakumaHeberu. Ukuthethelela Abasilimazayo izinsuku ezingu-7 Akukhathaliseki ukuthi sihlushwa amanxeba angokomzwelo noma ngokomzimba, intethelelo iyisisekelo sempilo yobuKristu. Ujesu Kristu wabhekana nazo zonke izinhlobo zokuphathwa ngokungafanele nokungalungile, kwaze kwaba seqophelweni lokufa okungafanele. Nokho ngehora lakhe lokugcina, wathethelela isela eliyinhlekisa elikwesinye isiphambano kanye nababulali bakhe.
Posted on 2022-01-272022-07-21Amaplani Ebhayibheli – Februwari 2022 Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNhlolanja) izinsuku ezingu-28 Ingxenye yesi-1 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuze bahlanganyele ngaso sonke isikhathi uma uqala ingxenye entsha ngenyanga. Lochungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! Ingxenye nengxenye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, bese AmaHubo ahlakazeka yonke indawo. Ingxenye yesi-2 iqukethe izincwadi ezinguGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, kanye kwabaseGalathiya. NgokukaMarku izinsuku ezingu-8 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaMark kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Ukungakhathazeki Ngalutho izinsuku ezingu-7 Ungathini uma kuthiwa kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala — mhlawumbe kusondele kakhulu kunalokho okucabangayo. Shintsha ukwethuka ukwenze ukuthula ngaloluhlelo lwezinsuku ezingu-7 oluvela eLife.Church, ehambisana nochungechunge lwemiyalezo kaPastor Craig Groeschel ethi Ukungakhathazeki Ngalutho. Izikhali zikaNkulunkulu izinsuku ezingu 5 Nsuku zonke, kuqubuka impi engabonakali eduze kwakho—engabonwa, engezwakali, kodwa ezwakala kukho konke ukuphila kwakho. Isitha esizinikele, esinodeveli sifuna ukwenza umonakalo kukho konke okubalulekile kuwe: inhliziyo yakho, ingqondo yakho, umshado wakho, izingane zakho, amaphupho akho, isiphetho sakho. Uhlelo lwakhe lwempi luncike ekukubambeni ungazi futhi ungahlomile. Uma ukhathele ukuphushwa futhi ubanjwe ungaqaphile, lolu cwaningo olwakho.
Posted on 2022-01-022022-07-21Amaplani Ebhayibheli – Januwari 2022 Isifungo izinsuku ezi-6 Kulolu hlelo lweLife.Church Bible Plan, imibhangqwana eyisithupha ibhala ngezifungo zomshado eziyisithupha abangakaze bazisho ngokusemthethweni e-altare. Lezi zifungo zokuzilungiselela, ukubeka phambili, ukulandela, ukubambisana, ubumsulwa, nokuthandaza yizifungo ezenza imishado isebenze kade kudlula umshado. Noma ngabe ushadile noma ucabanga nje ngakho, sekuyisikhathi sokwenza isithembiso. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMasingana) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-1 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuzohlanganyela nawe uma uqala ingxenye entsha njalo ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 1 iqukethe izincwadi ezingokukaLuka, iZenzo, uDaniyeli, kanye noGenesise. uJohane izinsuku eziwu 10 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaJohane kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Oswald Chambers: Injabulo – Amandla Enkosini izinsuku ezingu 30 Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
Posted on 2021-11-042022-07-21IBhayibheli Liyaphila IBhayibheli Liyaphila IBhayibheli Liyaphila izinsuku ezi-7 Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, iZwi likaNkulunkulu libuyise ngenkuthalo izinhliziyo nezingqondo-futhi uNkulunkulu akakapheli. Kulolu hlelo olukhethekile lwezinsuku eziyi-7, ake sibungaze amandla okuguqula impilo yemiBhalo ngokubhekisisa ukuthi uNkulunkulu ulisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuthinta umlando nokuguqula izimpilo emhlabeni wonke. Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo KumaHeberu 4:12 IBhayibheli Liyaphila