Uthando luyabekezela, uthando lumnene

Uthando luyabekezela, uthando lumnene

4  
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi

5  
aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu

6  
aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso

7  
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.

8  
Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.

9  
Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.

10  
Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.

11  
Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.

12  
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.

13  
Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

1 Corinthians 13 in Zulu

1 Corinthians 13 in English

Lokhu okuthunyelwe kuyatholakala futhi kokuthi: IsiPhuthukezi Isi-Arabhu IsiBhalarushi IsiBengali IsiBhagari IsiDanishi IsiFinnish IsiJojiya IsiGreki IsiHindu IsiHangari IsiMalay IsiMongolia IsiNephali IsiNorwegian IsiPhothukezi (sase Phothugali) Isi-Sinhala IsiSlovaki IsiSwahili IsiSwidi IsiTamil Isi-Telugu IsiTurkish IsiCzech isiMayalam Isi-Spanish (sase Spain) Isi-Lithuania isiMarathi isiPunjabi Isi-Gujarati IsiMasedoniya Isi-Amharic Isi-Uzbek

CategoriesUncategorized