Amaplani Ebhayibheli – Novemba 2022

Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani

Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani

25  
“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

26  
Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?

27  
Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?

28  
“Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi

29  
kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.

30  
Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

31  
Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’

32  
Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

33  
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

34  
Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

Matthew 6 in Zulu

Matthew 6 in English

Amaplani Ebhayibheli – Okthoba 2022

Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2022

izikhali zikaNkulunkulu

Kwabase-Efesu 6:10-18

10  
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

11  
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane

12  
ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

13  
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

14  
Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga

15  
izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula

16  
kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi

17  
namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu

18  
ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke

Ephesians 6 in Zulu

Ephesians 6 in English