Amaplani Ebhayibheli – Mashi 2022

Amaplani Ebhayibheli – Februwari 2022

Amaplani Ebhayibheli – Januwari 2022

IBhayibheli Liyaphila

IBhayibheli Liyaphila

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo

KumaHeberu 4:12

IBhayibheli Liyaphila

AmaHubo 23: UJehova ungumalusi wami

1  
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.

2  
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3  
Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4  
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5  
Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

6  
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

AmaHubo 23 – Zulu

Psalm 23 in English

Download-a iBhayibheli

i-App yeBhayibheli yezingane