Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele

Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele

UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.

NgokukaMarku 10:21-22

Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.

NgokukaMarku 8:34-35

nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

NgokukaMathewu 10:38

akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

KwabaseGalathiya 2:20

Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?

NgokukaLuka 9:23-25

wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.

NgokukaLuka 22:42-43

Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.

KwabaseGalathiya 5:24

Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

NgokukaMathewu 16:24-27

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.

KwabaseRoma 8:18

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

EkaJakobe 1:12

Download-a iBhayibheli

i-App yeBhayibheli yezingane

Mina ngingukukhanya kwezwe

Mina ngingukukhanya kwezwe

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


NgokukaJohane 8:12

Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.


U-Isaya 9:2

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?


AmaHubo 27:1

Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


2 kwabaseKorinte 4:6

Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.


KwabaseRoma 8:10-11

Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya


Kwabase-Efesu 5:8

kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


1 kaJohane 1:7-9

“Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


NgokukaMathewu 5:14-16

ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.


NgokukaJohane 1:5

Download-a iBhayibheli

i-App yeBhayibheli yezingane

Download-a i-Bhayibheli lamahhala

Thola iBhayibheli lamahhala

lefowuni, nethebulethi
kanye nekhompuyutha yakho


Download-a i-Bhayibheli lamahhala

Kunzima ukuhlala ugxile kuNkulunkulu naseZwini lakhe. Yingakho i-App yeBhayibheli le-YouVersion yamahhala ikunika izindlela zokufuna inhliziyo kaNkulunkulu nsukuzonke:  lalela amaBhayibheli alalelwayo, qala Imikhuleko, funda Nabangane, hlola izinguqulo zebhayibheli ezingaphezu kuka-2 000, nokunye okuningi. Manje kumadivayisi angaphezu kwezigidi ezingama-400 emhlabeni wonke!

Download-a i-Bhayibheli lamahhala

AmaHubo 91 – UJehova ungumlondolozi

1  
Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke nohlezi emthunzini kaSomandla

2  
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”

3  
Ngokuba yena uyakukhipha ogibeni lomcuphi nasobhadaneni olubhubhisayo.

4  
Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.

5  
Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini

6  
nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu.

7  
Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.

8  
Uyakubuka nje ngamehlo akho, ubone ukuphindiselwa kwababi

9  
ngokuba uthi: Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.

10  
Awuyikwehlelwa ngokubi, nesifo asiyikusondela etendeni lakho.

11  
Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.

12  
Ziyakukuthwala ngezandla, ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni.

13  
Uyakunyathela ingonyama nebululu, unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.*

14  
Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.

15  
Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.

16  
Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.

AmaHubo 91

Psalm 91 in English

Download-a iBhayibheli

i-App yeBhayibheli yezingane

Amavesi eBhayibheli – Mashi 2021 – Bazithobe abantu…

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.


2 kuThimothewu 1:7

“Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami, bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


2 iziKronike 7:13-14

ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


U-Isaya 41:10

Wozani, bantu bami,ningene emakamelweni enu,nizivalele iminyango,nicashe ngokuphazima kweso,kuze kudlule ulaka.Ngokuba bhekani,uJehova uyaphuma endaweni yakheukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni;umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo,ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


U-Isaya 26:20-21

Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,ngalokho nginethemba:ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.Busha ekuseni njalo;ukuthembeka kwakho kukhulu.UJehova uyisabelo sami,usho umphefumulo wami;ngakho ngiyakwethemba kuye.


IsiLilo 3:21-24

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


EkaJakobe 1:12

Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


KumaHeberu 13:16

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonkenohlezi emthunzini kaSomandlauthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yaminoNkulunkulu wami engimethembayo.”


AmaHubo 91:1-2

Download-a i-Bhayibheli lamahhala

i-App yeBhayibheli yezingane