Posted on 2022-01-272022-07-21 by Amaplani Ebhayibheli – Februwari 2022 Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNhlolanja) izinsuku ezingu-28 Ingxenye yesi-1 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuze bahlanganyele ngaso sonke isikhathi uma uqala ingxenye entsha ngenyanga. Lochungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! Ingxenye nengxenye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, bese AmaHubo ahlakazeka yonke indawo. Ingxenye yesi-2 iqukethe izincwadi ezinguGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, kanye kwabaseGalathiya. NgokukaMarku izinsuku ezingu-8 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaMark kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Ukungakhathazeki Ngalutho izinsuku ezingu-7 Ungathini uma kuthiwa kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala — mhlawumbe kusondele kakhulu kunalokho okucabangayo. Shintsha ukwethuka ukwenze ukuthula ngaloluhlelo lwezinsuku ezingu-7 oluvela eLife.Church, ehambisana nochungechunge lwemiyalezo kaPastor Craig Groeschel ethi Ukungakhathazeki Ngalutho. Izikhali zikaNkulunkulu izinsuku ezingu 5 Nsuku zonke, kuqubuka impi engabonakali eduze kwakho—engabonwa, engezwakali, kodwa ezwakala kukho konke ukuphila kwakho. Isitha esizinikele, esinodeveli sifuna ukwenza umonakalo kukho konke okubalulekile kuwe: inhliziyo yakho, ingqondo yakho, umshado wakho, izingane zakho, amaphupho akho, isiphetho sakho. Uhlelo lwakhe lwempi luncike ekukubambeni ungazi futhi ungahlomile. Uma ukhathele ukuphushwa futhi ubanjwe ungaqaphile, lolu cwaningo olwakho. Share this post: