Posted on 2022-01-022022-07-21 by Amaplani Ebhayibheli – Januwari 2022 Isifungo izinsuku ezi-6 Kulolu hlelo lweLife.Church Bible Plan, imibhangqwana eyisithupha ibhala ngezifungo zomshado eziyisithupha abangakaze bazisho ngokusemthethweni e-altare. Lezi zifungo zokuzilungiselela, ukubeka phambili, ukulandela, ukubambisana, ubumsulwa, nokuthandaza yizifungo ezenza imishado isebenze kade kudlula umshado. Noma ngabe ushadile noma ucabanga nje ngakho, sekuyisikhathi sokwenza isithembiso. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMasingana) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-1 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuzohlanganyela nawe uma uqala ingxenye entsha njalo ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 1 iqukethe izincwadi ezingokukaLuka, iZenzo, uDaniyeli, kanye noGenesise. uJohane izinsuku eziwu 10 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaJohane kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Oswald Chambers: Injabulo – Amandla Enkosini izinsuku ezingu 30 Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.