Posted on 2022-04-022022-07-21 by Amaplani Ebhayibheli – Ephreli 2022 Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMbasa) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi-4 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku. Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 4 iqukethe izincwadi ezingokukaMathewu, kanye nekaJobe. iZenzo izinsuku eziwu 14 lendlela elula yokufunda ikusia ukuba ufunde ngabaPhostoli kanye nebandla lokuqala. NGENA ENJONGWENI izinsuku ezingu 5 Iyini inhloso yami? Ngihloselwe ukwenzani ngempilo yami? Liyini icebo likaNkulunkulu ngami? Yonke lena imibuzo abaningi bethu abazibuza ngesikhathi esithile empilweni yethu. Sihlose ukuphendula eminye yale mibuzo njengoba siqaqa ukuthi kuyini ukungena enjongweni yakho. joyina abambalwa bethu babafundi baseKholeji le-C3 njengoba besikhanyisela ngalesi sihloko. Konke Engikudingayo izinsuku ezintathu Unkulunkulu uhambe phamba kwethu futhi uyasivikela ngemuva. Izimpi zethu usezinqobile. Uvikele abaphuphuthekile. Akamangazwa zinqinamba. Lokhu kuzinikela okugxile kwezinsuku ezi-3 kuzokushiya ukhuthazekile eqinisweni lokuthi uNkulunkulu ungumnikezi wesabelo esiqondile, isilinganiso esiqondile, sempilo yakho.