Posted on 2022-10-27 by Amaplani Ebhayibheli – Novemba 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (November) izinsuku ezingu 30 Ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye entzsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo afakwe lapha nalaphaya. ingxenye 11 ineziHlabelelo zeziHlabelelo, uHezekeli, uHoseya, kanye neSambulo. Uhambo luka Habakuki izinsuku ezingu-6 Loluhlelo liwuhambo lwezikhathi ezinzima noHabakuki. Imizwa Engcwele – Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo izinsuku ezingu 30 UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.