Posted on 2023-04-28 by Amaplani Ebhayibheli – Meyi 2023 Ukuphila Kushintshile: Ukwamukela Ubunikazi izinsuku ezi-6 Njengoba amazwi amaningi esitshela ukuthi kufanele sibe ngubani, akumangazi ukuthi sinenkinga yokuziqonda ubuthina. Unkulunkulu akafuni sichazwe ngomsebenzi wethu, isimo somshado, noma amaphutha. Ufuna umbono Wakhe ube igunya eliphakeme kakhulu ezimpilweni zethu. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokusiza ukuthi ufunde lokho iBhayibheli elikushoyo mayelana nokuthi ungubani futhi wamukele ngempela ubuwena kuKristu. Ungayeki izinsuku ezingu-7 Wake wakhathala noma wehlulwe kakhulu empilweni waze wafuna ukuphonsa ithawula futhi ulahle ithemba? Ibhayibheli ligcwele isikhuthazo sokukhuthazela nokuqhubeka! Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku eziyi-7 luzokuvuselela ohambweni oluzayo. Ukushiya indlela yoku Lutheka izinsuku ezingu 3 Lapho ukuphila kwakho kungavumelani neZwi likaNkulunkulu, cishe uyobhekana nemiphumela ebuhlungu. Abaningi baye balwa nempilo yabo, balahlekelwa imisebenzi, nobuhlobo, futhi bazithola bekude noNkulunkulu ngenxa yokulutheka. Kungakhathaliseki ukuthi ukulutheka okukhulu njengezidakamizwa noma izithombe zobulili ezingcolile noma ukulutheka okuncane, njengokudla noma ukuzijabulisa, ukulutheka kuphazamisa izimpilo zethu. Vumela umbhali othengisa kakhulu u-Tony Evans akubonise indlela eya enkululekweni. Kungani Unkulunkulu Engithanda? izinsuku ezingu 5 Imibuzo: Uma kuza ku Nkulunkulu, sonke sinayo. Ngokosiko lwethu lwendalo lokuthanda ukuqhathanisa izinto, Omunye wemibuzo ebaluleke kakhulu esizithola siwubuza ukuthi, “Ungithandelani u Nkulunkulu?” noma futhi, “Angakwenza kanjani lokho?” Emva kwesikhathi ukulolu hlelo, uzobhekana nezifundo ezingu 26 – ngasinye sikhuluma ngothando olungena kwenzelela akuthanda ngalo Nkulunkulu.