Posted on 2023-09-02 by Amaplani Ebhayibheli – Septhemba 2023 Insimbi Ilola Insimbi: Ukuphila-kuya-Ekuphileni® Ukufindisa ngeTestamente Elidala izinsuku ezingu 5 Ingabe uyakulangazelela “ukwenza abafundi abenza abafundi,” ukulandela umyalo kaJesu eMthethweni Omkhulu (NgokukaMathewu 28:18-20)? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi uthole ukuthi kungaba nzima ukuthola izibonelo zalolu hlelo. Ubani ongamulandela? Kubukeka kanjani ukwenza abafundi ekuphileni kwansuku zonke? Ake sibheke eTestamenteni Elidala ukuze sibone ukuthi amadoda nabesifazane abahlanu batshala kanjani imali kwabanye, i-Life-to-Life®. Konke Engikudingayo izinsuku ezintathu Unkulunkulu uhambe phamba kwethu futhi uyasivikela ngemuva. Izimpi zethu usezinqobile. Uvikele abaphuphuthekile. Akamangazwa zinqinamba. Lokhu kuzinikela okugxile kwezinsuku ezi-3 kuzokushiya ukhuthazekile eqinisweni lokuthi uNkulunkulu ungumnikezi wesabelo esiqondile, isilinganiso esiqondile, sempilo yakho. Ukukhuluma ukuphila izinsuku ezi-6 Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu. Izinyathelo Zakho Zokuqala izinsuku ezingu 5 Wenze isinqumo sokulandela uJesu, manje kuzokwenzakalani? Lolu hlelo akulona uhlu oluphelele lwakho konke okuza naleso sinqumo, kodwa luzokusiza ukuthi uthathe izinyathelo zakho zokuqala. Asifunde iBhayibheli sisonke (September) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 9 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinge inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. Ingxenye 9 inezincwadi ezinjengo Nehemiya, Esteri, uThimothewu wokuqala nowesibili, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uNahume, uHabakhuke, uZefaniya, uTitu, uFilemoni, uJakobe, uHagayi, uZekhariya, no Malaki.