Posted on 2023-11-01 by Amaplani Ebhayibheli – Novemba 2023 Ungubani uJesu? izinsuku ezingu 5 UJesu uyinhloko ekukholweni kobuKristu, futhi lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 lubheka kabanzi ukuthi ungubani: umthetheleli wezono, umngani wezoni, ukukhanya, umenzi wezimangaliso, iNkosi evusiwe. Vuna Ukubonga Unyaka Wonke! izinsuku ezingu-7 Ngiyamangala ngezifundo esingazifunda kwamanye amasiko! Abanye babonakala benokuncane ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa babonisa umuzwa ojulile wokubonga nenjabulo! Angazi ngawe, kodwa ngifuna ukubonga nenjabulo kube yingxenye yami kangangokuthi kulula njengokuphefumula! Kulolu hlelo, sizothola ukuthi ungenza kanjani inkathi yokubonga ibe umkhuba wansuku zonke! Indumiso: Isifundo kumaHubo izinsuku ezingu 106 Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu. Asifunde iBhayibheli sisonke (November) izinsuku ezingu 30 Ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye entzsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo afakwe lapha nalaphaya. ingxenye 11 ineziHlabelelo zeziHlabelelo, uHezekeli, uHoseya, kanye neSambulo. KwabaseGalathiya izinsuku ezingu 3 Leli cebo lizokusiza ukufunda incwadi KwabaseGalathiya futhi ingafaneleka kumuntu ngamunye noma nibaningi.