Posted on 2023-12-01 by Amaplani Ebhayibheli – Disemba 2023 Ukuphila Kushintshile: NgoKhisimusi izinsuku ezingu 5 Kukho konke ukuphithizela kwamaholide, kungase kube lula ukulahlekelwa umbono wokuthi kungani sigubha. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 zokuza, sizongena ezithembisweni ezigcwaliseke ngokuzalwa kukaJesu nethemba esinalo ngekusasa. Njengoba sifunda okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, sizothola ukuthi singaphila kanjani phakathi nesikhathi samaholide ngethemba, ukholo, injabulo, nokuthula. Ukukhanya Kwezwe – Inkonzo ye-Advent izinsuku eziwu 4 Izigidi zamaKrestu emhlabeni jikelele zizobe zigubha uKhisimusi kulo nyaka. I-Advent, umkhosi omuhle ongokomfanekiso oholela osukwini lukaKhisimusi, iyingxenye enkulu yemikhosi kaKhisimusi emazweni amaningi. njengoba ufunda le nkonzo ye-Advent ethokozisayo, uzoba nethuba lokujoyina futhi ugubhe nabafowenu nodadewenu abavela ezizweni ezikude futhi ufunde emibonweni namasiko abo ahlukile futhi anamandla. Ngokuka Luka izinsuku eziwu 12 Le plani elula izokuholela kwiVangeli NgokukaLuka kusukela ekuqaleni kuze kuyabo sekugcineni. Ukwazi Izwi LikaNkulunkulu // Funda Ukuhlangana Naye izinsuku eziwu 4 Izwi likaNkulunkulu lingavela njengokuhlebeza okuthambile noma isiphepho esinamandla. Isihluthulelo siwukukubona, noma ngabe kuza kanjani—futhi sithembe ukuthi Muhle, ukuthi mkhulu kunanoma yimiphi imizabalazo yethu. Qala lolu hlelo lwezinsuku ezine bese uqala ukufunda ukuthi ungahlangana kanjani Naye, izwi Lakhe, ubukhona Bakhe—futhi uhlanganyele namadoda nabesifazane abaningi ababhekana noe-Rush | Umoya Ongcwele Ekuphileni Kwesimanje. Asifunde iBhayibheli sisonke (uZibandlela) izinsuku ezingu 31 ingxenye 11 kwezingu 12, lePlani izosiza wonke umphakathi ukuba ufunde iBhayibheli uwonke, ndawonye, ezinsukwini eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine, njalo uma ingxenye ezintsha inyanga nenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. ingxenye 12 iqukethe izincwadi ezilandelayo, u-Isaya, uMika, 1kaPetru, 2 kaPetru, 1kaJohane, 2KaJohane, 3kaJohane, noJuda.