Posted on 2024-03-01 by Amaplani Ebhayibheli – Mashi 2024 Indoda Ephakathi NEsiphambano: Uhlelo lokufunda iPhasika Lezinsuku Ezingu-7 izinsuku ezingu-7 Cishe wonke umuntu uyavuma ukuthi lo mhlaba uphukile. Kodwa kuthiwani uma kukhona isixazululo? Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lwePhasika luqala ngesipiliyoni esiyingqayizivele sesela esiphambanweni futhi lubheka ukuthi kungani okuwukuphela kwempendulo yangempela yokuphulwa kutholakala ekubulaweni komuntu ongenacala: uJesu, iNdodana kaNkulunkulu. Thula: Umhlahlandlela Olula Wezikhathi Zokuthula izinsuku ezingu 5 Thula. Kwabanye, la magama amabili alula ayisimemo esamukelekayo sokwehlisa ijubane. Kwabanye, ezwakala engenakwenzeka, engenakufinyelela ezweni lethu eliba nomsindo ngokukhulayo, noma kunzima kakhulu ukuwagcina. UBrian Heasley ukhombisa ukuthi akudingeki ukuthi sime ukuze izinhliziyo zethu zithule, nokuthi ngisho naphakathi kwempilo egcwele, ematasa, singasichitha kanjani isikhathi esinokuthula noNkulunkulu. Okokheliwe: Umhlahlandlela Olula Womthandazo Ogqamile izinsuku ezi-6 Umthandazo uyisipho, ithuba elimangalisayo lokuba nobudlelwano noBaba wethu oseZulwini. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-6, sizothola lokho uJesu asifundisa kona ngomthandazo futhi siphefumulelwe ukuba sithandaze ngokungaphezi nangesibindi esikhulu. Vuselela Inhliziyo Yakho: Izinsuku ezingu-10 Ukulwa neSono izinsuku eziwu 10 AmaKristu amaningi akholelwa ukuthi ukuphela kwendlela yokulwa nesono ukugedla amazinyo futhi sinqobe isilingo. Kodwa awukwazi ukulwa nesono ngengqondo yakho; kufanele ulwe naso ngenhliziyo yakho. Ngokusekelwe encwadini ethi Vuselela Inhliziyo Yakho, lokhu kubuka kwezinsuku eziyishumi kwamanye amavesi abaluleke kakhulu ngenhliziyo yakho kuzokusiza uthole ukuthi ungalwa kanjani nesono ngokuvumela iVangeli ukuthi livuselele inhliziyo yakho kabusha. Masifunde iBhayibheli ndawonye (Ndasa) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-3 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchunechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 3 iqukethe izincwadi ezinguNumeri, iZaga, kwabaseRoma, kanye nakumaHeberu.