Posted on 2024-04-02 by Amaplani Ebhayibheli – Ephreli 2024 Ukuqonda Intando KaNkulunkulu izinsuku ezingu 3 Wake waba sendaweni lapho udidekile ngokuthi iyini intando kaNkulunkulu esimweni esithile? Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-3 luhlola ukuthi singathola kanjani intando Yakhe – kokubili, intando Yakhe ejwayelekile, kanye nentando Yakhe eqondile ezimpilweni zethu. Indlela YoMbuso izinsuku ezingu 5 UNkulunkulu uvusa iBandla Lakhe, futhi sidinga ukubona isithombe esikhulu. Lapho izikhathi ziba nzima, sizolingeka ukuba siyeke. Nokho, akusona isikhathi sokuyeka. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukufunda izikhathi esikuzo, futhi sizuze namasu okuthi singama kanjani futhi siqhubekisele phambili uMbuso kaNkulunkulu. Umkhuleko WeNkosi izinsuku ezingu-8 Hlanganyela noJ.John esifundweni sezinsuku eziyisishiyagalombili soMkhuleko WeNkosi, leyo mfundiso ejule ngendlela emangalisayo newusizo eyanikezwa uJesu mayelana nendlela okufanele sikhuleke ngayo. Ungakhathezeki Ngalutho izinsuku ezingu 3 Ukukhathazeka kuyisela lesikhathi sethu, amandla, nokuthula. Pho kungani sikwenza? Kule nkonzo yezinsuku ezingu-3, sizobheka ukukhathazeka, kungani sikwenza, nokuthi singakunqanda kanjani. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMbasa) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi-4 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku. Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 4 iqukethe izincwadi ezingokukaMathewu, kanye nekaJobe.