Posted on 2024-05-01 by Amaplani Ebhayibheli – Meyi 2024 Ubuciko Bokunqoba izinsuku ezingu-7 Impilo igcwele izithiyo, ukulahlekelwa, ukudumazeka, nobuhlungu. “Ubuciko Bokunqoba” buzokusiza ukuthi ubhekane nokulahlekelwa, usizi, nokulimala. Kumayelana nokwenqaba ukuvumela izinto ezibukeka njengeziphetho zikuthene amandla noma zikuphazamise. Kunalokho, vumela uNkulunkulu aziguqule zibe yiziqalo. Lapho impilo idida futhi inzima, ungayeki. Bheka. Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isikhathi esinzima noma ukulahlekelwa okubuhlungu obhekene nakho, uNkulunkulu unawe. Akulungile izinsuku ezingu-28 Sizobheka izinto ezine ezicindezelayo ezinkulu sonke esibhekana nazo futhi sibone ukuthi amazwi kaNkulunkulu angasinikeza kanjani induduzo, isiqondiso, nosizo kukho ngakunye. Sizokhuluma ngalokho uJesu akunikeza kona lapho ungekho kahle, lokho uNkulunkulu afuna ukwazi lapho abantu bekwenqaba, ukuthi yini okufanele uyenze lapho kungelula ukwenza okulungile, futhi lapho sizizwa sikhathazekile, sizobona ukuthi yini Unkulunkulu okufanele ayisho. Indlela Yokufunda Ibhayibheli (Izisekelo) izinsuku ezingu 5 Kulula ukuzizwa ukhungathekile, ungahlomile kahle, futhi ulahlekile nje uma kuza eZwini likaNkulunkulu. Inhloso yami ukwenza lula uhlelo lweSifundo SeBhayibheli kuwe ngezindlela ezimbalwa ngokukufundisa izimiso ezintathu ezibaluleke kakhulu zeSifundo SeBhayibheli esiyimpumelelo. Joyina lolu hlelo futhi uthole ukuthi ungalifunda kanjani iBhayibheli hhayi nje ukuze uthole ulwazi, kodwa ukuze uthole ukuguqulwa kwempilo namuhla! 5 Imithandazo Yokuthobeka izinsuku ezingu 5 Udinga umusa, isihe, nesibusiso sikaNkulunkulu okwengeziwe? Khona ke khuleka lemithandazo emihlanu elula yokuthobeka, ucele iNkosi ukuthi ikwenzele umusa futhi ikusize. Uyakuwuphendula umkhuleko wakho; Abathobekileyo ubapha umusa! Futhi uma uzithoba phambi kukaJehova, uyokuphakamisa. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNhlaba) izinsuku ezingu 31 Ingxenye 5 yochungechunge oluna 12, loluhlelo lwenza imiphakathi ekufundweni kwe Bhayibheli kanyekanye izinsuku ezingu 365. Mema nabanye ukuba bakujoyine njalo uma uqala ingxenye njalo ngenyanga Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku Ingxenye ngayinye inezincwadi zeThestamente elidala kanye nelisha, nezahluko zamaHubo ezindaweni ezahlukene. Ingxenye 5 iphethe incwadi yokuqala neyesibili KwabaseKorinte, uDuteronomi, kanye no Joshuwa