Posted on 2024-09-30 by Amaplani Ebhayibheli – Okthoba 2024 Umusa Nokubonga: Phila Ngokugcwele Emuseni Wakhe izinsuku ezingu-7 UNkulunkulu wenze izithembiso eziningi kuwe, futhi uhlose ukuzigcina zonke. Kodwa ezweni lanamuhla, kulula ukukhohlwa ubuhle nomusa kaNkulunkulu. Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 izokusiza ukhumbule umusa nezibusiso Zakhe ezichichimayo ngokuqukethwe kokuthandaza, iZwi likaNkulunkulu, kanye nomkhuleko wansuku zonke wokuzindla. Lolu cwaningo luvela kujenali yezifundo ezithi 100 Days of Grace & Gratitude ka-Shanna Noel kanye no-Lisa Stilwell. Imbewu: Iyini futhi Kungani izinsuku eziwu 4 Imbewu, ikuyo yonke indawo. Amazwi akho, imali yakho, izingane zakho ngisho nawe, ngokwakho, uyimbewu! Zisebenza kanjani lezi zimbewu futhi kungani kufanele zibaluleke kithi? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini futhi sithole ukuthi lingasebenza kanjani ekuphileni kwethu ukuze lisisondeze kuNkulunkulu nenjongo yakhe ngathi. Ukuthola Iqiniso LikaNkulunkulu Ezivunguvungwini Zokuphila izinsuku eziwu 10 NjengamaKristu, asigonyiwe ezinkingeni zaleli zwe. Eqinisweni, uJohane 16:33 uthembisa ukuthi ziyofika. Uma ubhekene nezivunguvungu zempilo njengamanje, lesi sifundo singesakho. Kuyisikhumbuzo sethemba elisidlulisa ezivunguvungwini zokuphila. Futhi uma ungabhekene nanoma yiziphi izinkinga ngalesi sikhathi, kuzokunikeza isisekelo esizokusiza ezivivinyweni ezizayo. Inkonzo Yobuhle izinsuku ezingu 3 Ziningi izizathu ezinhle ezenza ukuba sifune iqophelo eliphezulu emsebenzini yethu: Iqophelo eliphezulu liyasikhulisa emisebenzini, lisivumele ithonya, kanti lingasihola kumathuba okwabelana ngevangeli. Kepha njengalelicebo losuku lwesithathu lizotshengisa, sidinga ukuba sifune iqophelo eliphezulu ngesizathu esibaluleke kakhulu-ngoba iqophelo eliphezulu liyindlela enhle yokubheka isimo sika Nkulunkulu, no thando futhi sikhonze omaakhelwane njengathi kwimisebenzi ekhethiwe. Asifunde iBhayibheli sisonke (uMfumfu) izinsuku ezingu 31 Isahluko 10 kwezingu 12, lendlela iholela kumphakathi wonke ukuba ufunde iBhayibheli lonke ezinsukwini ezingu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. lengxenye isebenza ngeBhayibheli elikhulunywayo_ lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. ingxenye ka 10 ifaka iNcwadi yoMshumayeli, uNgokukaJohane, uJeremiya, kanye neSililo