Posted on 2024-09-01 by Amaplani Ebhayibheli – Septhemba 2024 Funa uNkulunkulu Kukho izinsuku eziwu 10 Ukucindezeleka. Ukukhathazeka. Izimbangela nezenzakalo ezibuhlungu zisiphazamisa ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngalezi zikhathi ukufuna uNkulunkulu kubonakala kunzima futhi kungenasidingo. Uhlelo oluthi, “Funa UNkulunkulu Kukho” luhlose ukukukhuthaza kanye nokukufundisa ukuthi ungenza kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuze uthole ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki isimo sakho. Ukudlula Ezikhathini Ezinzima izinsuku eziwu 4 Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu. IZwi LikaNkulunkulu Lazo Zonke Izidingo izinsuku ezingu 5 Impilo ingaba nzima, futhi lapho ubhekene nezinselelo futhi udinga isikhuthazo, indawo engcono kakhulu ongaya kuyo iwukuba seZwini likaNkulunkulu. Kodwa ngezinye izikhathi kunzima ukwazi ukuthi ubheke kuphi. Izwi likaNkulunkulu Lazo Zonke Izidingo lihlanganisa imibhalo ebalulekile kuwo wonke umfundi weZwi okufanele ayibheke phakathi nezikhathi ezinzima zokuphila. Thembela kuNkulunkulu ukuba akusize ezikhathini ezinzima. Ukhethiwe – Ukwembula Owesifazane kuKristu izinsuku ezingu 3 Njengabesifazane, sivame ukuzithola sidlala izindima eziningi ezahlukene empilweni. Kodwa phakathi kwalobu bunzima, kubalulekile ukukhumbula ukuthi singobani emqondweni wethu: Abesifazane Abakhethiwe bakaNkulunkulu, noma Owesifazane KuKristu. Lobu buntu buyisisekelo sezimpilo zethu, bulolonga ubuhlobo bethu noNkulunkulu nabanye. Hlanganyela nathi ezinsukwini ezintathu ezizayo njengoba sihlola lokhu esiyikho ngokujula okwengeziwe! Asifunde iBhayibheli sisonke (September) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 9 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphanasi kuka 20 ngosuku! Ingxenye ngayinge inezahluko zeThestamente elidala nelisha, kanye namaHubo asezindaweni ezahlukene. Ingxenye 9 inezincwadi ezinjengo Nehemiya, Esteri, uThimothewu wokuqala nowesibili, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uNahume, uHabakhuke, uZefaniya, uTitu, uFilemoni, uJakobe, uHagayi, uZekhariya, no Malaki.