Uthando luyabekezela, uthando lumnene
4
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi
5
aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu
6
aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso
7
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
8
Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.
9
Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.
10
Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.
11
Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.
12
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.
13
Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
Izisho zikaBhayibheli zesiKhisimusi
Nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa

2
Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa
3
nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
4
Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.
5
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
6
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
7
Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi
8
umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.
9
Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe
10
kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
11
Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.
12
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza

1
Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.
2
Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.
3
Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka
4
zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5
Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.
6
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini.
7
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
8
Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.
9
Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
10
Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.
11
Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.
