Posted on 2022-07-26 by Amaplani Ebhayibheli – Agasti 2022 Asifunde iBhayibheli sisonke (August) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi 8 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. Loluchungechunge lusebenza kangcono ngeBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngoSuku! Ingxenye ngayinye inezahluko zeThestamente elidala kanye nelisha, kanye namaHubo afakiwe. iNgxenye 8 ibandakanya izincwadi ezinjengezi IziKronike zokuqala nezesibili, KwabaseThesalonika bokuqala nabesibili kanye no Ezra. Ukunqoba phezu koKufa izinsuku ezingu-7 Sihlale sitshelwa ukuthi, “Kungenye nje ingxenye yokuphila,” kodwa izisho ezishiwo njlalo azehlisi ubuhlungu lapho ulahlekelwa othandekayo. Funda ukugijimela kuNkulunkulu lapho ubhekene nenye yezinselelo ezinzima kakhulu ekuphileni. Ubuqhawe amaviki awu-1 Funda okushiwo yiBhayibheli ngobuqhawe nokuzethemba. Uhlelo lukufunda ngobuqhawe lukhuthaza amakholwa ngokubakhumbuza ukuthi bangobani kuKristu nakumbuso kaNkulunkulu. Uma singabakaNkulunkulu, sikhululekile ukuza Kuye mathupha. Funda futhi–noma mhlawumbe kokudala–iziqinisekiso zokuthi indawo yakho emndenini kaNkulunkulu ivikelekile. Ukuqiniseka Ngezikhathi Zokungaqiniseki izinsuku ezingu 5 Ngezikhathi zokungaqiniseki, uNkulunkulu uqinisekile! Joyina u-David Villa ohlelweni lwakhe lwakamuva njengoba ebheka ukungaqiniseki nokugxeka okwedlule ukuze afinyelele kokuthile okukhulu.