Posted on 2024-06-01Amaplani Ebhayibheli – Juni 2024 Ukuqonda Ukuphila Kwakho izinsuku ezingu 3 Ukuphila kungase kube okungalindelekile futhi kudide, ngisho nalapho sikhonza uNkulunkulu. Ngezinye izikhathi izinto zibonakala zingalawuleki, okusishiya sizibuza ukuthi kwenzekani emhlabeni! Uma uke wazizwa ngale ndlela noma udidekile, lolu chungechunge olusha lwezinkonzo lukaMfundisi uJim Cymbala lungolwakho nje! Ukulandela Inhliziyo KaNkulunkulu izinsuku ezingu 5 INkosi uDavide ichazwa eTestamenteni Elisha njengendoda elandela inhliziyo kaNkulunkulu, okusho ukuthi waqondanisa inhliziyo yakhe nekaNkulunkulu. Njengoba sifunda ngempilo kaDavide, umgomo wethu walolu chungechunge ukuhlaziya izinto uDavide azenza ku-1 & 2 USamuweli ukuze silolonge izinhliziyo zethu zivumelane nekaNkulunkulu futhi zifane namandla afanayo okugxila nomoya uDavide awubonisa ukuphila kwakhe konke. Kuyaziwa: Izinsuku ezingu-10 Zokuthola Ubuwena izinsuku eziwu 10 Kungaba lula ukulahleka kulokho owaziwa ngakho futhi uphuthelwe ukuthi waziwa ubani. Izwi likaNkulunkulu linokuningi elingakusho ngawe, ukuthi ungubani, nokuthi ukwenze waba ngubani. Lokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-10 kuzokusiza ukuthi uthathe uhambo oluya ekutholeni ubuwena obuyiqiniso. INTO EYODWA izinsuku ezingu-7 Sizothola ukuthi kusho ukuthini ukuphilela uJesu ezweni eliphazamisekile. Leli zwe ligijima ngamamayela ayikhulu ngehora, futhi sinolwazi oluningi ezandleni zethu kunalokho esingakwazi ukukubamba. Ingabe yileso simo saleli zwe lanamuhla? Silehlisa kanjani ijubane endaweni eshesha kangaka? AmaHubo 27:4 anempendulo – INTO EYODWA, noPs Andrew Cartledge. Asifunde iBhayibheli sisonke (uNhlangulana) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi 6 kwezingu 12 eziwuchungechunge, leplani isiza imiphakathi ukufunda iBhayibheli lonke bebonke kwizinsuku eziwu 365. Mema abanye ukuba bakujoyine ngaso sonke isikhathi uqala enye ingxenye ngenyanga elandelayo. Loluchungechunge lisebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo- lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku! isahlako ngasinye sibandakanya izahluko zeThestamente elidala nelisha kanye namaHubo. ingxenye 6 inezincwadi ezinjengo Kwabase-Efesu, KwabaseFiliphu, KwabaseKolose, uJona, AbaHluleli, uRuther, kanye no 1kaSamuweli. Share this post:
Posted on 2024-05-01Amaplani Ebhayibheli – Meyi 2024 Ubuciko Bokunqoba izinsuku ezingu-7 Impilo igcwele izithiyo, ukulahlekelwa, ukudumazeka, nobuhlungu. “Ubuciko Bokunqoba” buzokusiza ukuthi ubhekane nokulahlekelwa, usizi, nokulimala. Kumayelana nokwenqaba ukuvumela izinto ezibukeka njengeziphetho zikuthene amandla noma zikuphazamise. Kunalokho, vumela uNkulunkulu aziguqule zibe yiziqalo. Lapho impilo idida futhi inzima, ungayeki. Bheka. Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isikhathi esinzima noma ukulahlekelwa okubuhlungu obhekene nakho, uNkulunkulu unawe. Akulungile izinsuku ezingu-28 Sizobheka izinto ezine ezicindezelayo ezinkulu sonke esibhekana nazo futhi sibone ukuthi amazwi kaNkulunkulu angasinikeza kanjani induduzo, isiqondiso, nosizo kukho ngakunye. Sizokhuluma ngalokho uJesu akunikeza kona lapho ungekho kahle, lokho uNkulunkulu afuna ukwazi lapho abantu bekwenqaba, ukuthi yini okufanele uyenze lapho kungelula ukwenza okulungile, futhi lapho sizizwa sikhathazekile, sizobona ukuthi yini Unkulunkulu okufanele ayisho. Indlela Yokufunda Ibhayibheli (Izisekelo) izinsuku ezingu 5 Kulula ukuzizwa ukhungathekile, ungahlomile kahle, futhi ulahlekile nje uma kuza eZwini likaNkulunkulu. Inhloso yami ukwenza lula uhlelo lweSifundo SeBhayibheli kuwe ngezindlela ezimbalwa ngokukufundisa izimiso ezintathu ezibaluleke kakhulu zeSifundo SeBhayibheli esiyimpumelelo. Joyina lolu hlelo futhi uthole ukuthi ungalifunda kanjani iBhayibheli hhayi nje ukuze uthole ulwazi, kodwa ukuze uthole ukuguqulwa kwempilo namuhla! 5 Imithandazo Yokuthobeka izinsuku ezingu 5 Udinga umusa, isihe, nesibusiso sikaNkulunkulu okwengeziwe? Khona ke khuleka lemithandazo emihlanu elula yokuthobeka, ucele iNkosi ukuthi ikwenzele umusa futhi ikusize. Uyakuwuphendula umkhuleko wakho; Abathobekileyo ubapha umusa! Futhi uma uzithoba phambi kukaJehova, uyokuphakamisa. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNhlaba) izinsuku ezingu 31 Ingxenye 5 yochungechunge oluna 12, loluhlelo lwenza imiphakathi ekufundweni kwe Bhayibheli kanyekanye izinsuku ezingu 365. Mema nabanye ukuba bakujoyine njalo uma uqala ingxenye njalo ngenyanga Loluchungechunge lusebenza kahle neBhayibheli elikhulumayo. Lalela imizuzu engaphansi kuka 20 ngosuku Ingxenye ngayinye inezincwadi zeThestamente elidala kanye nelisha, nezahluko zamaHubo ezindaweni ezahlukene. Ingxenye 5 iphethe incwadi yokuqala neyesibili KwabaseKorinte, uDuteronomi, kanye no Joshuwa Share this post:
Posted on 2024-04-02Amaplani Ebhayibheli – Ephreli 2024 Ukuqonda Intando KaNkulunkulu izinsuku ezingu 3 Wake waba sendaweni lapho udidekile ngokuthi iyini intando kaNkulunkulu esimweni esithile? Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-3 luhlola ukuthi singathola kanjani intando Yakhe – kokubili, intando Yakhe ejwayelekile, kanye nentando Yakhe eqondile ezimpilweni zethu. Indlela YoMbuso izinsuku ezingu 5 UNkulunkulu uvusa iBandla Lakhe, futhi sidinga ukubona isithombe esikhulu. Lapho izikhathi ziba nzima, sizolingeka ukuba siyeke. Nokho, akusona isikhathi sokuyeka. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukufunda izikhathi esikuzo, futhi sizuze namasu okuthi singama kanjani futhi siqhubekisele phambili uMbuso kaNkulunkulu. Umkhuleko WeNkosi izinsuku ezingu-8 Hlanganyela noJ.John esifundweni sezinsuku eziyisishiyagalombili soMkhuleko WeNkosi, leyo mfundiso ejule ngendlela emangalisayo newusizo eyanikezwa uJesu mayelana nendlela okufanele sikhuleke ngayo. Ungakhathezeki Ngalutho izinsuku ezingu 3 Ukukhathazeka kuyisela lesikhathi sethu, amandla, nokuthula. Pho kungani sikwenza? Kule nkonzo yezinsuku ezingu-3, sizobheka ukukhathazeka, kungani sikwenza, nokuthi singakunqanda kanjani. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uMbasa) izinsuku ezingu 30 Ingxenye yesi-4 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga ngenyanga. Loluchungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku. Ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 4 iqukethe izincwadi ezingokukaMathewu, kanye nekaJobe. Share this post:
Posted on 2024-03-01Amaplani Ebhayibheli – Mashi 2024 Indoda Ephakathi NEsiphambano: Uhlelo lokufunda iPhasika Lezinsuku Ezingu-7 izinsuku ezingu-7 Cishe wonke umuntu uyavuma ukuthi lo mhlaba uphukile. Kodwa kuthiwani uma kukhona isixazululo? Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lwePhasika luqala ngesipiliyoni esiyingqayizivele sesela esiphambanweni futhi lubheka ukuthi kungani okuwukuphela kwempendulo yangempela yokuphulwa kutholakala ekubulaweni komuntu ongenacala: uJesu, iNdodana kaNkulunkulu. Thula: Umhlahlandlela Olula Wezikhathi Zokuthula izinsuku ezingu 5 Thula. Kwabanye, la magama amabili alula ayisimemo esamukelekayo sokwehlisa ijubane. Kwabanye, ezwakala engenakwenzeka, engenakufinyelela ezweni lethu eliba nomsindo ngokukhulayo, noma kunzima kakhulu ukuwagcina. UBrian Heasley ukhombisa ukuthi akudingeki ukuthi sime ukuze izinhliziyo zethu zithule, nokuthi ngisho naphakathi kwempilo egcwele, ematasa, singasichitha kanjani isikhathi esinokuthula noNkulunkulu. Okokheliwe: Umhlahlandlela Olula Womthandazo Ogqamile izinsuku ezi-6 Umthandazo uyisipho, ithuba elimangalisayo lokuba nobudlelwano noBaba wethu oseZulwini. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-6, sizothola lokho uJesu asifundisa kona ngomthandazo futhi siphefumulelwe ukuba sithandaze ngokungaphezi nangesibindi esikhulu. Vuselela Inhliziyo Yakho: Izinsuku ezingu-10 Ukulwa neSono izinsuku eziwu 10 AmaKristu amaningi akholelwa ukuthi ukuphela kwendlela yokulwa nesono ukugedla amazinyo futhi sinqobe isilingo. Kodwa awukwazi ukulwa nesono ngengqondo yakho; kufanele ulwe naso ngenhliziyo yakho. Ngokusekelwe encwadini ethi Vuselela Inhliziyo Yakho, lokhu kubuka kwezinsuku eziyishumi kwamanye amavesi abaluleke kakhulu ngenhliziyo yakho kuzokusiza uthole ukuthi ungalwa kanjani nesono ngokuvumela iVangeli ukuthi livuselele inhliziyo yakho kabusha. Masifunde iBhayibheli ndawonye (Ndasa) izinsuku ezingu 31 Ingxenye yesi-3 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuhlanganyela nawe ngaso sonke isikhathi uqala ingxenye entsha ngenyanga. Loluchunechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! ingxenye ngayinye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, kuthi amaHubo achaphake kuzo zonke izingxenye. Ingxenye 3 iqukethe izincwadi ezinguNumeri, iZaga, kwabaseRoma, kanye nakumaHeberu. Share this post:
Posted on 2024-02-02Amaplani Ebhayibheli – Februwari 2024 U-Ruthe: Indaba Yothando LukaNkulunkulu Oluhlengayo izinsuku ezingu-7 Mhlawumbe enye yezindaba ezimfushane ezihlaba umxhwele kunazo zonke ezake zaba khona, incwadi kaRuthe ilandisa ngothando lukaNkulunkulu oluhlengayo. Incwadi kaRuthe iyindaba emnandi yokuthi uNkulunkulu usebenzisa kanjani izimpilo zabantu abajwayelekile ukwenza intando Yakhe yobukhosi. Ngemifanekiso emihle yothando lukaKristu kanye nomhlatshelo wabantu Bakhe, sikhonjiswa ibanga uNkulunkulu ahamba ngabo ukuze ahlenge abantwana Bakhe. Usuku lwe-Valentine izinsuku ezingu 3 Usuku lwe-Valentine kungaba isikhathi esinzima kwabanye bethu. Singase sibe sesigabeni sempilo lapho singekho ebudlelwaneni, futhi sifuna ukuba khona, okungase kuphakamise imizwa ethile engakhululekile. Ezinsukwini ezintathu ezizayo kungakhathaliseki ukuthi bunjani ubuhlobo bakho, sivumele ukuba sikhuthaze inhliziyo yakho ngothando lukaNkulunkulu OLUHLE, OLUNGANEMIBANDELA, OLUTHULISAYO. Masifunde iBhayibheli ndawonye (uNhlolanja) izinsuku ezingu-28 Ingxenye yesi-1 kuchungechunge lwezingu-12, loluhlelo luhola imiphakathi ekufundeni iBhayibheli lonke ndawonye ezinsukwini ezingu-365. Mema abanye ukuze bahlanganyele ngaso sonke isikhathi uma uqala ingxenye entsha ngenyanga. Lochungechunge lusebenza kahle ngeBhayibheli eliqoshwe ngomsindo – lalela imizuzu engaphansi kongu-20 ngosuku! Ingxenye nengxenye inezahluko zeTestamente eliDala neliSha, bese AmaHubo ahlakazeka yonke indawo. Ingxenye yesi-2 iqukethe izincwadi ezinguGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, kanye kwabaseGalathiya. Share this post: