
1
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo
2
kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
3
Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.
4
Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.
5
Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo.
6
Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.