Amavesi eBhayibheli – Mashi 2021 – Bazithobe abantu…

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.


2 kuThimothewu 1:7

“Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami, bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


2 iziKronike 7:13-14

ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


U-Isaya 41:10

Wozani, bantu bami,ningene emakamelweni enu,nizivalele iminyango,nicashe ngokuphazima kweso,kuze kudlule ulaka.Ngokuba bhekani,uJehova uyaphuma endaweni yakheukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni;umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo,ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


U-Isaya 26:20-21

Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,ngalokho nginethemba:ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.Busha ekuseni njalo;ukuthembeka kwakho kukhulu.UJehova uyisabelo sami,usho umphefumulo wami;ngakho ngiyakwethemba kuye.


IsiLilo 3:21-24

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


EkaJakobe 1:12

Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


KumaHeberu 13:16

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonkenohlezi emthunzini kaSomandlauthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yaminoNkulunkulu wami engimethembayo.”


AmaHubo 91:1-2

Download-a i-Bhayibheli lamahhala

i-App yeBhayibheli yezingane